UJacob Zuma unikezwe ikhefu lozwelo ukuyongcwaba umfowabo

Lungani Zungu

Lowo owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma unikezwe ikhefu lozwelo ukuyongcwaba umfowabo omncane, uMichael eNkandla ngoLwesine.

Lokhu kumenyezelwe abezokuHlunyeleliswa kweziMilo ngoLwesine ekuseni.

Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uSingabakho Nxumalo, uthe uZuma unikezwe ikhefu lozwelo ngoba uyisiboshwa esingesona ingozi.

UZuma uzokhishwa ngolwesine kuphela.

Uzobuyela ejele lase-Estcourt ngoLwesihlanu ayoqhubeka nesigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 ejele ngokudelela umyalelo wenkantolo.

“Ngokuhambisana neSigaba 44 (1) (a) soMthetho Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo, lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma unikezwe ikhefu lozwelo ukuze akwazi ukuba nomndeni oshonelwe.”

UNxumalo uthe isegebengu esigwetshiwe esinikezwe imvume yokuphuma esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo sihlala siyisephulamthetho esigwetshiwe yize singaphandle okwesikhashana.

“Uma singaphandle kwesikhungo sokuhlunyeleliswa kwezimilo, iziboshwa akudingeki zigqoke umfaniswano wangaphakathi,” kusho uNxumalo.

“Njengesiboshwa sesikhashana futhi esingesona ingozi, isicelo sikaMnu Zuma sekhefu lozwelo sicutshunguliwe futhi samukelwa kulandela imigomo yabezokuhlunyeleliswa kwezimilo.”

Umndeni kaZuma uchaze ukukhululwa kwakhe ngozwelo njengesikhathi esimnandi nesibuhlungu.

“Siyajabula ukuthi uNxamalala (Zuma) ubuyile okwesikhashana, kodwa sibuhlungu ngokuthi singcwaba umfowethu,” kusho umfowabo omncane kaZuma uKhanya etshela i-Scrolla.Africa.

UMichael ushone ngesonto eledlule ngemuva kokugula isikhathi eside.

Unkosikazi wakhe, uMaZulu, ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuhaqwa ukhuvethe kodwa manje useNkandla, ulungiselela ukungcwaba umyeni wakhe.

Unkosikazi wokuqala kaZuma uMaKhumalo, nowayengunkosikazi wakhe uNkosazana Dlamini-Zuma nabo baseNkandla ngaphambi komngcwabo kusasa.

Indodana kaZuma uDuduzane naye kulindeleke ukuthi ahambele lo mngcwabo.

Izihloko zakamuva