UJacob Zuma ulindele elinye ithuba lokuphunyuka

Lungani Zungu

UJacob Zuma usebeke amathemba akhe kwiJaji leNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu uPiet Koen, ukuthi agcine ephunyukile ekushushisweni ecaleni lokuThengiswa kweZikhali.

NgoLwesibili, iJaji uKoen lizokhipha isinqumo mayelana nesicelo sowayenguMengameli sokuhoxiswa komshushisi omkhulu u-Adv Billy Downer.

UZuma uvulele uDowner icala esiteshini samaphoyisa eMgungundlovu ngeledlule, emsola ngokuputshuza amarekhodi akhe kadokotela kwintatheli.

UZuma uzobe engekho enkantolo.

“Umhla zingama-26 kuMfumfu akulona usuku lokuqulwa kwecala, kodwa usuku lokwahlulela. UMengameli uZuma akadingeki ukuba abekhona. Uzothumela ummeli wakhe,” kusho iJacob Zuma Foundation esitatimendeni.

UZuma ufuna uDowner akhishwe ecaleni lokuThengiswa kweZikhali lapho ebhekene khona namacala ayi-16 enkohlakalo, ukushushumbisa imali nokukhwabanisa.

Ubekwe icala kanye nenkampani yase-france i-Thales ekhiqiza izikhali phambilini eyayibizwa nge-Thomson-CSF, esolwa ngokugwazela uZuma ukuze avikeleke ekushushisweni.

UZuma uwaphikile wonke amacala.

Phambilini usole uDowner ngokusebenzela izinhlaka zamazwe, okubalwa kuzo i-Central Intelligence Agency (i-CIA) ezinze eMelika kanye nemithombo yezindaba yakuleli.

I-National Prosecuting Authority (i-NPA) iphendule izinsolo ezixakile zikaZuma yathi lokhu ngamaqhinga okubambezela.

Lesi sinqumo sibalulekile ecaleni lokuThengiswa  kweZikhali eselidonse cishe iminyaka engamashumi amabili manje.

Ummeli kaZuma, u-Advocate Dali Mpofu, phambilini utshele inkantolo ukuthi uzolwela ukuthi uZuma akhululwe uma imantshi ivuna yena mayelana nesicelo sokuhoxiswa.

Uma lesi sinqumo siphikisana noZuma kuzovula indlela yokuqalwa kwecala.

UZuma uphume ngoshwele wezempilo kulandela ukukhululwa kwakhe ejele ngemuva kokugwetshwa izinyanga eziyi-15 ngasekuqaleni kwenyanga edlule, ngemuva kokuboshwa kwakhe ngoNtulikazi ngenxa yokweqa imiyalo emibili yenkantolo eyayimtshela ukuthi avele phambi kwiKhomishana yoPhenyo lokuLawulwa koMbuso.

Izihloko zakamuva