Lungani Zungu
UJacob Zuma ngeke aye ejele ngaphandle kokulwa.
Ngakho-ke kubuyelwa esikhathini sakhe samaqhinga ahlonishwayo kuyo yonke le mpi yezomthetho – uyalibazisa.
Ithimba lakhe labameli, eliholwa ngu-advocate Dali Mpofu, lizama ukudlulisa isigwebo sakhe yize inkantolo enkulu yakuleli ithe angeke kukwazi ukwenzeka lokho.
Lowo owayenguMengameli ufake isicelo esingajwayelekile sehora leshumi nanye ngoLwesihlanu sokuthi kuguqulwe isigwebo senkantolo yomthethosisekelo sezinyanga eziyi-15 ejele.
Esicelweni sakhe, esibonwe yi-Scrolla.Africa, uZuma uthe ukumthumela ejele ngeke kube nomthelela kumthethosisekelo, kodwa kuzosebenza “njengesitatimende sezepolitiki”.
Uthe futhi ngenxa yeminyaka yakhe yobudala engama-79 udinga ukwelashwa njalo.
UZuma uyalelwe ukuthi azinikele emaphoyiseni eNkandla noma eGoli ngeSonto.
Ngaphandle kokuphikisana nalesi sinqumo, abalandeli bakhe abaphethe izibhamu nemikhonto basabise ngokuvala izwe uma eboshwa.
Lezi zinsongo ziphoqe i-ANC ehamba phambili eyisithupha, eholwa nguMengameli weqembu uCyril Ramaphosa, ukuba ihlehlise umhlangano we-ANC National Executive Committee (i-NEC) obekufanele ube kule mpelasonto.
“Ukufika kwabo kulesi sinqumo amaGosa kaZwelonke abekhumbula isimo esikhona KwaZulu-Natali,” kusho iPhini likaNobhala-Jikelele uJessie Duarte esitatimendeni.
Ubuye wathi i-ANC izonikela ngobuholi ukugwema “udlame, ukulimala noma ukushona kwabantu.”
Incwadi egunyaza ukuboshwa iveza ukuthi uZuma uzodonsa isikhathi sakhe ejele lase-Westville, eThekwini.
UZuma unikezwe isigwebo sokuya ejele ngemuva kokuba enqabile ukuvela ngaphambi kwekhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso, eholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo, manje osesebenza njengejaji eliphakeme kusukela ngoLwesihlanu.
Imibhikisho ebisekela uZuma ihlasele amadolobha amaningi e-KZN, okubalwa iTheku nezinye izingxenye ze-Eastern Cape.
Ngaphandle komuzi wakhe oseNkandla, abalandeli bakhe bebecula izingoma zomzabalazo abanye bedubula izibhamu emoyeni. Abanye babephethe imikhonto nezihlangu, ezenziwe ngezikhumba zezinkomo, futhi becula izingoma zomdabu zempi.
UZuma kulindeleke ukuthi akhulume nabalandeli bakhe ngoMgqibelo noma ngeSonto eNkandla.
UCarl Niehaus, umsekeli wakhe oqotho, ukhulume nabezindaba eNkandla wathembisa ukuvikela uZuma ukuthi angayi ejele.
“Sizolwa kuze kube ubulungiswa buyenziwa kuMsholozi,” esho efunga ukuthi uZuma ngeke aye ejele.
Yize kunjalo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthe bazolandela isinqumo senkantolo yomthethosisekelo sokufaka uZuma ejele uma ephikisana nalesi sinqumo.
Umthombo wesithombe: @ News24