Arthur Greene
UJacob Zuma ulungiselela ukuhlala kwakhe ejele – kodwa akuyena yedwa umholi womhlaba obhekene nokuboshwa.
Ngesonto eledlule nje, owayengumengameli wase-Mauritania uMohamed Ould Abdel Aziz, waboshwa ngamacala enkohlakalo.
Kodwa emlandweni orekhodiwe, baningi abaholi bombuso abebekholelwa ukuthi bangaphezu komthetho.
Umholi wokuqala oqoshiwe emlandweni ukuzwa ingalo ende yomthetho kwakunguNgqongqoshe Wezombusazwe wase-China uLi Si.
Kwakungo-208 BC lapho uLi Si aqunywa phakathi okhalweni phambi kwesigcawu semakethe kanye nomndeni wakhe wonke nawo wabulawa ngemuva kokuhlohla umlandeli wenkosi uFusu, ukuba azibulale.
Njengalaba abathathu, iningi labo laboshelwa amacala enkohlakalo noma okuvukela umbuso kodwa abanye babhekene namacala angajwayelekile.
Ngemuva kweminyaka eyisikhombisa ekhishwe esikhundleni njengoMengameli we-Central African Republic, uJean-Bédel Bokassa wabekwa icala lokuvukela umbuso nokubulala. Ngowezi-1987 wasulwa amacala okudla abantu, kodwa watholakala enecala lokubulala izingane zesikole namanye amacala.
UHama Amadou, owayenguNdunankulu wase-Niger, ugwetshwe unyaka owodwa ejele ngowezi-2017 ngokushushumbisa izingane emhlabeni jikelele. U-Amadou, owaphikile amacala, ubengomunye weqembu labantu abasolwa ngokushushumbisa izingane zisuka e-Nigeria ziyiswa endaweni ecebile e-Niger ngokuqamba amanga bathi bangabazali bezingane ezingaba ngama-30.
Lezi yizibonelo ezimbalwa nje ezivela ohlwini lwamagama angagcwalisa izincwadi eziningana, kodwa ngaphambi kokuphela konyaka, leli qembu elihlonishwayo lingathola ilungu elisha.
UDonald Trump, owayenguMengameli waseMelika njengamanje ubhekene nophenyo lobugebengu lwamacala angaphezu kwamathathu.