UJacob urojiwe – noma umndeni okholwa kanjalo

Lungani Zungu

Umndeni kaJacob Zuma uyamvikela ngemuva kokuba inkantolo yomthethosisekelo imgixabeze ngezinyanga eziyishumi nanhlanu ebhadla ejele ngoLwesibili.

Umfowabo kalowo owayengumengameli, uKhanya, uthe ukhulume noZuma namhlanje ekuseni.

“Akalisabi ijele,” kusho uKhanya.

“Usesimeni sakhe esijwayelekile.”

UKhanya ukholelwa ukuthi uMsholozi uphathwe ngendlela engenabulungisa yinkantolo yezwe.

Uphinde wathi abantu abakhela uZuma uzunge bangamaqabane akhe e-ANC kodwa benqaba ukubabiza ngamagama.

Uthe umndeni kusamele uhlangane ngemuva kwesinqumo esilimazayo senkantolo yomthethosisekelo.

“Hhayi-ke, ziningi kakhulu izinto ezenzekayo njengamanje. Usaxhumana nabammeli. Sizomnika isikhathi bese sihlangana njengomndeni.”

Umshana kaZuma, inkosi uSimphiwe Zuma wendlu yakwaNxamalala eMpendle ngaseMgungundlovu, uthe umndeni uyameseka uZuma.

“Ungomunye wethu, futhi sizokuma naye kuze kube yizinsuku zokugcina. Uyindoda enamandla, futhi uzophuma kulokhu enamandla kakhulu.”

USimphiwe uthe kungaba buhlungu ukubona uZuma eya ejele.

“Akuwona umbono omuhle. Kodwa sizokuhlula lokhu,” kusho uSimphiwe.

Esinqumweni senkantolo yomthethosisekelo, iJaji uSisi Khampepe, iJaji eliyiNhloko elibambile, liyalele uZuma ukuba azinikele esiteshini samaphoyisa eNkandla noma emaphoyiseni asenkabeni yeGoli zingakapheli izinsuku ezinhlanu zekhalenda.

UKhampepe wengeze ngokuthi iKhomishana kazwelonke noma uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kufanele abophe uZuma uma engazinikeli.

Izihloko zakamuva