Ujabulise abaningi endaweni yangakubo umculi odumile

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Wenze ezibukwayo umculi wase-Limpopo owaziwa ngoMakhadzi kwi-17th Marula Music Festival enkundleni i-Impala Park e-Phalaborwa ngoMgqibelo ebusuku.

Ukuba khona kwakhe esiteji, ekhombisa umndlandla ezingomeni zakhe kufakazela ukuthi kungani engomunye wabaculi abathandwayo nabahlonishwa kakhulu ezweni.

UMakhadzi ucule izingoma eziyisikhombisa okubalwa kuzo ethi “Chencha Magear”, “Ghanama” nethi “Murahu”.

Ukuzethemba kwakhe esiteji kuyamangaza kakhulu njengoba ezivuma njengowesifazane omuhle kakhulu. Ngisho nangendlela agqoka ngayo nadansa ngayo esiteji kumenza athandwe abantu abaningi.

Ungene esiteji ngabo-1:30 ekuseni ngesikhathi ejoyina owe-disco yama-Tsonga, uPenny Penny.

Bacula iculo labo abalihlanganisile elithi “Milandzu Bhe”, wonke umuntu ubecula kanye naye. Kuthe uma kuphela ingoma uMakhadzi ulale phansi ekhombisa inhlonipho kuPapa Penny ngokosiko lwamaVenda. 

Umcimbi waminyaka yonke uphawula ukuphela kwesizini ye-marula. Lesi sithelo sitholakala kakhulu esifundeni sase-Mopani futhi abesifazane bendawo babenze ubhiya wesintu we-marula ukuze wonke umuntu awujabulele.

Kulo mcimbi bekunandisa abaculi base-Limpopo kuphela okubalwa uDkt Tumi, owawina ama-Idols akuleli, uThapelo Molomo, uHenny C noDkt Winnie Mashaba nabanye.

Isikhulu esiphezulu se-Limpopo Tourism Agency, uMoses Ngobeni uthe lo mcimbi ube impumelelo enkulu njengoba ukhuphule umnotho wakuleli futhi ulethe abantu abavela kulo lonke izwe. “Lokhu kungaphezu nje komcimbi womculo.”

 “Sizama ukukhombisa ukuthi isithelo se-marula sinothe kangakanani. Sikhiqiza imikhiqizo eminingi efana ne-atchar, ukunakekelwa kwesikhumba, ujamu namafutha.”

Uthe banqume ukubhukha abaculi bakuleli ngoba bayazi ukuthi ubhubhane lwe-Covid-19 lubathinte kangakanani kwezomnotho.

“Ngiyajabula ngoba abaculi bethu bakhombisile ukuthi banekhono bebodwa.”

Imigubho yeMarula iqale ngesonto eledlule ngemidlalo ebihlanganisa i-Marula Marathon, i-Youth Dance Movement, nobusuku bamahlaya.

Izihloko zakamuva