UJabeur ulwela ukungena kowamanqamu we-Wimbledon

Dylan Bettencourt

Isihlabani somdlalo womphebezo sase-Tunisia u-Ons Jabeur uzibekisele indawo kwabane abangene kowandulela owamanqamu we-Wimbledon ngemuva kokuhlula uMarie Bouzkova ngomshikashika wokulwa ngemuva kokuhlulwa isethi yokuqala.

Ukuwina kukaJabeur kumenze wabhalisa igama lakhe emabhukwini omlando ngokungabi nje umdlali wokuqala wase-Arab ukufinyelela kunoma imuphi owandulela owamanqamu we-Grand Slam kwi-Open era, kodwa ube ngowesifazane wokuqala wase-Afrika ukwenza lokho kusukela ngo-1997.

Lo mdlali wehlulwa esigabeni sama-quarter-final emqhudelwaneni wangonyaka odlule, kodwa kulokhu uphinde walwela ukuthi awine.

“Ngijabule ngempela, ikakhulukazi ukuthi kwenzeke lapha ngoba ngiyithanda kakhulu le nkundla,” kusho uJabeur.

“Ngeyethemba ukuthi ngizoqhubekela phambili”.

Lo mdlali (27), usesalelwe imidlalo emibili ukuthi abe ngowesifazane wokuqala wase-Afrika ukuwina isicoco se-Wimbledon.

Emdlalweni wakhe wokuqala uzobhekana nomngani wakhe omkhulu uTatjana Maria waseJalimane, owine umdlalo wakhe weshumi ngoLwesibili.

UJabeur uthe kumjabulisile ukuthi uTatjana ungene kowandulela owamanqamu.

Ngimthanda kakhulu uTatjana. Ngiyawuthanda umndeni wakhe. Ungumngani wami omkhulu,” kusho uJabeur.

“Uzabalaze ngempela ukudlala nokuwina imidlalo kwi-Grand Slams kodwa buka manje, ungene kowandulela owamanqamu ngemuva kokuthola izingane ezimbili.”

UJabeur uzofuna ukuqopha omunye umlando ngokufinyelela kowamanqamu, kodwa okokuqala kuzomele ahlule uTatjana emdlalweni wabo owandulela owamanqamu ozoba ngoLwesine.

Izwekazi lonke lase-Afrika lizoba nethemba lokuthi lizobe libukele uJabeur edlala kowamanqamu we-Wimbledon ngoMgqibelo.

Umthombo wesithombe: @DailySabah

Izihloko zakamuva