UHunt uthukuthele ugane unwabu ngamaphutha afana “nawezingane zesikole”

Umqeqeshi uGavin Hunt usale ethukuthele ngemuva kokuthi i-Kaizer Chiefs idlale ngokulingana ngamagoli amabili kwamabili ne-Black Leopards, emdlalweni wayo we-DStv Premiership ekhaya ngoLwesithathu ebusuku.

Lo Mqeqeshi ovelele amahlandla amane usola abadlali bakhe ngokuthi benza amaphutha “engane yesikole”.

Iphutha elikhulu lomdlalo livele kungakapheli nemizuzu eyi-12 lapho uKaputeni weqembu uItumeleng Khune, engacindezelwe, ekhahlela ibhola waliqondisa ngqo kumgadli we-Leopards u-Ovidy Karuru ongachithanga sikhathi wafaka ibhola enethini elingenalutho.

“Angeke wenze amaphutha anjalo. Sibanikeze ukuqala nje umdlalo. Kodwa amaphutha anjalo abelokhu enzeka selokhu ngafika lapha,” kusho uHunt.

“Amaphutha amakhulu avela kubadlali abakhulu,” kusho uHunt.

UKaruru, owayengumgadli waMakhosi, uthole ithuba lakhe lesibili lokudlala kulo mdlalo ngemuva kwemizuzu eyishumi nambili wenza amagoli amabili eqandeni kubavakashi ngenkathi kuyiwa ekhefini.

I-Chiefs ilwele ukubuyela kulo mdlalo futhi yaklonyeliswa ngephuzu lokulinganisa. Amagoli esiwombe sesibili kaNkosingiphile Ngcobo noKhama Biliat atakule i-Chiefs ezindlandleni ze-Leopards.

Yize abadlali bakhe beqhubeka nokwenza amaphutha emidlalweni yeligi, uHunt uzinikele eqenjini.

“Into esisele kithina manje ukuthi sinamathele ndawonye. Singakwazi ukudlula kulokhu,” uyasho.

Ngomphumela wayizolo i-Chiefs isele endaweni ye-12 ngamaphuzu ayisithupha ngemuva kwemidlalo eyisithupha. I-Leopards isendaweni yesibili ukusuka phansi ngamaphuzu amane.

Ngaphambi komdlalo wayizolo ebusuku uHunt ulahle ibhomu ku-SuperSport TV mayelana noSamir Nurkovic, umgadli ovelele ngamagoli kwi-Chiefs ngonyaka odlule obesephumile ngenxa yokulimala.

“UNurkovic ubesesimeni esikahle cishe amasonto amabili manje kodwa kusobala ukuthi kunezinye izinkinga,” kusho uHunt ku-SuperSport TV.

“Lezo zinkinga kumele ziqale zilungiswe kuqala. Ubengadlala kodwa ake siyiyekele ingelinye ilanga leyo ndaba.”

Izihloko zakamuva