Menzi Magubane
Umqeqeshi uGavin Hunt angazithola esobishini ne-CAF ngemuva kwezinkulumo azishilo ngesikhathi i-Kaizer Chiefs idlala ngokulingana ne-Horoya SC ngoLwesibili ebusuku.
“I-ajenda ye-CAF icacile. Uyakhokha, uthola imiphumela. Awukhokhi, awuyitholi imiphumela,” kusho uHunt etshela abezindaba ngemuva kokuthi Amakhosi eqale umkhankaso we-CAF Champions League ekhaya ngoLwesibili.
“Sinamazwekazi amahlanu noma ayisithupha emhlabeni wonke kodwa leli libi kakhulu,” kusho uHunt etshela abezindaba ngemuva komdlalo. Unompempe wase-Botswana uJoshua Bodo uwaphikile amagoli amabili e-Chiefs ashaywe nguSamir Nurkovic wathi ube-offside.
Lokhu kuphawula kungenza lowo owayengumqeqeshi we-Bidvest Wits avunyelwe yi-CAF kalula.
“Uma kufanele ngivinjelwe ngale nkulumo kulungile,” uyasho.
“Ngesikhathi ngenza ilayisense yami ye-Fifa ngatshelwa ukuthi umqeqeshi uncike kumaqhinga akhe hhayi ukuthenga izikhulu noma ukucikela phansi imidlalo.”
Uthe bayabusa futhi bashaye amagoli amabili angavunywanga.
“Ingenye yezinhlangano ezidumazayo ebholeni. Iyizinga elibi.”
NgoLwesine Amakhosi kulindeleke ukuthi aye e-Burkina Faso ukuyohlangana ne-Wydad Casablanca yase-Morocco emdlalweni wesibili ka-Group C. Lo mdlalo uzobanjelwa e-4 August Stadium e-Ouagadougou ngeSonto ngo-6 ntambama.
Lo mdlalo ekuqaleni bewuhlelelwe ukuba e-Morocco emasontweni amabili edlule kodwa ngenxa yemikhawulo yezokuvakasha e-Morocco yahlehliswa kwaze kwaba wukuthi i-CAF iphoqa i-Wydad ukuthi ithole indawo engathathi hlangothi.
I-Burkina Faso ayinayo imikhawulo eqinile futhi yayijabule ukusiza. I-Chiefs ibheke kulo mdlalo namaphuzu esikhwameni kanti i-Wydad inamaphuxu amathathu ngemuva kokunqoba ibhekene neqembu lase-Angola i-Petro de Luanda ngoLwesibili.
I-Horoya iphezulu ku-Group C ngamaphuzu amane.
Isithombe: @Thebeautifulgame