Dylan Bettencourt
Owesifazane owadla umhlanganiso wonobuhle eNingizimu Afrika uLalela Mswane uzobhekisa amabombo emqhudelwaneni kaMiss Universe ongundabuzekwayo kwa-Israel ngaphandle kokwesekwa uhulumeni waseNingizimu Afrika.
Kuningi osekushiwo ngokubamba iqhaza kukaMiss SA emcimbini kaMiss Universe lapho abantu abaningi baseNingizimu Afrika bezwakalise ukukhathazeka nge-Israel occupation of Palistine futhi beyiqhathanisa neNingizimu Afrika yobandlululo.
Isitatimende esikhishwe umnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko sikuqinisekisile ukuthi bazohoxisa ukweseka inhlangano kaMiss SA ngemuva kokuthi bekhethe ukungasishayi indiva iseluleko sikahulumeni sokuthumela uMswane ukuthi ayoncintisana.
Isitatimende sithe ngemuva kokungaphumeleli kwezingxoxo nabahleli bomcimbi kaMiss SA ukuze babuyekeze isinqumo sabo sokubamba iqhaza kuMiss Universe kwa-Israel ngoZibandlela sebekuhoxisile ukweseka kwabo.
Umnyango uthe amacala esizwe sakwa-Israel abhekene ne-Palestine abhalwe kahle futhi uhulumeni ngeke akwazi ukuzihlanganisa nezwe elixhasa leli zwe.
“Ngokuhoxa, isithunzi sikaMiss SA kanye nokuma kwakhe kuzothuthuka kakhulu eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe uma kuqhathaniswa nomcimbi ovela kanye nje futhi ongakhombisa inhlekelele ekusaseni lakhe nasekumeni kwakhe emphakathini njengomuntu wesifazane osemusha omnyama,” kusho uNgqongqoshe uNathi Mthethwa.
UMswane owawina uMiss SA uzobhekisa amabombo emqhudelwaneni omele inhlangano kaMiss SA hhayi iNingizimu Afrika njengesizwe.
Inhlangano kaMiss SA ngeledlule ikhiphe isitatimende esikhombisa ukuthi uMswane uzoqhudelana kwa-Israel naphezu kokukhula kwezikhalazo zokuthi akayeke ukungenela imincintiswano.
“Noma ngubani ofuna ukuphuca uLalela isikhathi sakhe esibhekwe ngabomvu akanamusa futhi unombono omfishane. Asihlangani nenhlangano yezepolitiki futhi umncintiswano kaMiss Universe awuwona umcimbi ogqugquzelwe yipolitiki,” kusho isikhulu senhlangano kaMiss SA uStephanie Weil.
Umthombo wesithombe: @TimesLIVE