Lubhalwe nguMlungisi Gumede
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube umemezele ukuthi kubekwe eceleni u-R630 million wokukhokhela izinduna esifundazweni.
Inhlangano emele izinduna KwaZulu-Natal Ubumbano lweZinduna isamukele lesi simemezelo.
UMnyango wezeziMali kaZwelonke ubeke eceleni imali engu-R630 million onyakeni wezimali ka-2023/24 ukuze kuxazululwe inkinga yemiholo yezinduna. Lokhu kulandela inqubo ende yezinqubo ezahlukene zikahulumeni.
USihlalo woBumbano lweZinduna uMnu Mbongeni Makhanya uthe bayalwamukela lolu hlelo lukahulumeni. “Njengezinduna siyaluthokozela lolu hlelo kwazise kade silwela ukukhokhelwa kusukela ngo-2013,” esho.
UMakhanya uthe uhulumeni ubakweleta u-R1.4 billion.
Kodwa-ke, uthe bakhathazekile ngokuthi le mali izokwabiwa kanjani.
“Sisalinde uhulumeni ukuthi eze kithina azosichazela ukuthi le mali izokwabiwa kanjani. Asazi ukuthi induna ngayinye izothola malini kulo R630 million,” esho.
Inhlangano Ubumbano lweZinduna imele izinduna ezingaphezu kuka-3000 KwaZulu-Natal.
KwaZulu-Natal induna ithola isibonelelo sikahulumeni esingaphezu kuka-R8,000 ngenyanga.
Esitatimendeni esikhishwe ngemuva komhlangano nobuholi bomdabu ngoLwesibili uNkk Dube-Ncube uthe kuyabajabulisa ukuthi sebeluxazululile lolu daba osekunesikhathi lukhona.
“Lezi zimali kade zalindwa futhi kokunye ziholela ezinkantolo nokuyinto ebingavumelekile ngoba ukuxazulula udaba lokuhoxiswa kwezikweletu bekulokhu kuyinto eseqhulwini kuhulumeni wesifundazwe. Ngakho-ke, kuyasijabulisa ukuthi lolu daba seluxazululiwe,” esho.
“UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uzoqinisekisa ukuthi kunokulawulwa okufanele kwangaphakathi ngaphambi kokuthi imali inikwe izinduna ezifanele.”
UNkk Dube-Ncube uthe uhulumeni oholwa i-ANC ubambe iqhaza emsebenzini wokungagcini nje ngokubuyisa isithunzi sezikhungo zobuholi bomdabu kodwa nokuhlinzeka izinsiza ezanele. Lena indlela yokuqinisekisa indima yezikhungo zobuholi bomdabu njengensika ebalulekile yezinhlelo zokubusa kuleli.
Esithombeni esingenhla: Ezinye zeziNduna zaKwaZulu-Natal ebezihambele umhlangano wangoLwesibili
Umthombo wesithombe: Ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal