Arthur Greene
Okokuqala ngqa eminyakeni engama-30 ukuthi uhulumeni wase-Zimbabwe acabange ngokunciphisa isibalo sezindlovu, njengoba ukwanda kwezilwane ezincelisayo kuholela ekutheni kube nobungozi uma sekuhlangene nabantu.
Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi cishe ziyi-100,000 izindlovu e-Zimbabwe. Noma kunjalo, ipaki yesizwe kanye nezindawo zamadlelo zingakwazi ukuthatha isibalo sezindlovu ezi-45,000.
Baningi abantu abashone kulo nyaka ngemuva kokuhlaselwa izindlovu e-Zimbabwe. Izikhulu zifonelwa mihla namalanga izinkulungwane zabahlali esezinyathelwe izindlovu.
Umkhwenyana kaRosemerry Muzaba wabulawa indlovu ngesikhathi elusa izinkomo ezinyangeni ezedlule.
“Ngisaphuke inhliziyo,” etshela i-Al Jazeera. “Namanje angikakholwa. Kwakumele ngikhombe isidumbu sakhe esasinyathelwe indlovu ngesikhathi etholakala.”
Ukugcwala kwezindlovu akusibona ubungozi kubantu kuphela, kodwa ngisho kuzo imbala kanye nezinye izilwane zasendle.
“Sinamanqe azalela esihlahleni. Amanqe awasazaleli epaki ebizwa nge-Hwange, asethuthele kwezinye izindawo ngenxa yezindlovu ezinomkhuba wokuwisa izihlahla,” kusho uTinashe Farawo, okhulumela amapaki ase-Zimbabwe kanye nesiphathimandla sezilwane zasendle.
Ekuqaleni kwalo nyaka, uphiko lwezilwane zasendle e-Zimbabwe limemezele icebo lokuthengisa ngamalayisensi, angasiza noma avumele abazingeli ukuba babulale izindlovu ezingama-500 ukuze kunciphe ukwanda kwazo.
Manje, uhulumeni kubikwa ukuthi ucabanga izindlela zokunciphisa ukwanda kwezindlovu okokuqala ngqa kusukela ngonyaka wezi-1988.
Ziningi izindlela ezifaka abantu esezicatshangiwe, njengokuhambisa izindlovu lapho okungekho khona abantu abaningi ezweni. Kodwa le nqubo ingabiza imali eshisiwe.
Ngonyaka wezi-2018, izindlovu ezingama-100 zayiswa kwenye indawo okwabiza inani lezigidi ezi-6 zamarandi, kanti isiphathimandla samapaki sithi ayisekho imali ezoqhuba izinhlelo zokususwa kwezindlovu ziyiswe kwenye indawo.
Umthombo wesithombe: @TonyKRO