
Dylan Bettencourt
Impunyema yase-Russia uRoman Abramovich ikhishwe inyumbuzane nguhulumeni wase-United Kingdom, omise ukuthengiswa kweqembu layo i-Chelsea.
Abanye osomabhizinisi abayisithupha nabo banikezwe unswinyo.
UNdunankulu wase-Britain uBoris Johnson uthe ngeke kube khona izindawo eziphephile zalabo abeseka ukuhlasela kukaMengameli wase-Russia uVladimir Putin e-Ukraine.
“Izijeziso ziyisinyathelo sakamuva sokusekelwa okungaguquki kwe-UK kubantu base-Ukraine.
Sizoba nesihluku ekulandeleni labo abavumela ukubulawa kwezakhamuzi, ukucekelwa phansi kwezibhedlela kanye nokuhlala ngokungemthetho kwamadlelandawonye,” kusho uJohnson.
U-Abramovich umemezele inhloso yakhe yokuthengisa i-Chelsea football club ngesonto eledlule, ngaphandle kwezinkulumo nengxabano eqhubekayo phakathi kwe-Russia ne-Ukraine.
UNobhala weZamasiko e-United Kingdom, uNadine Dorries, uthe unswinyo luzothinta iqembu lase-London kodwa lizonikezwa ilayisense ekhethekile yokuqinisekisa ukuthi bangakwazi ukuqhubeka nokusebenza kwabo.
“Izijeziso zanamuhla ngokusobala zinomthelela oqondile kwi-Chelsea nakubalandeli bayo. Besisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi iqembu nomdlalo kazwelonke awulinyazwa ngokungenasidingo yilezi zijeziso,” kubhala uDorries ku-Twitter.
Lesi sinqumo sizothinta kakhulu iqembu ngezinye izindlela njengoba lingasavumelekile ukudayisa amathikithi nokunye.
Iqembu ngeke futhi likwazi ukuvuselela izinkontileka zabadlali noma ukudlulisa abadlali.
Amaholo asazokhokhwa futhi amathikithi esizini azohlala esebenza.
Uhulumeni wase-UK kuzodingeka anikeze isikhathi esikhethekile sokudayiswa kweqembu ngaphandle kwemali ezoya ku-Abramovich, ngokuqondile noma ngokungaqondile ngamabhizinisi akhe.
“U-Abramovich ngeke athole ngisho indibilishi ngokudayiswa kweqembu,” kufundeka isitatimende sikahulumeni.
I-Chelsea izobambeka ngenxa yalezi zinyathelo kuze kube umhlaka-31 kuNhlaba, uma izinyathelo zingavuselelwa, zingahoxiswa noma kuthengwe ikilabhu.
NgoLwesine futhi kugujwe usuku lwe-177 kwasungulwa iqembu. Lezi zindaba zokujeziswa ziphambene nalokho abalandeli aabebeethemba lokugubha usuku lweqembu olukhethekile.
Umthombo wesithombe: @Time