Uhulumeni wase-Ethiopia usenikeze izikhulu eziphezulu amahora angama-72 ukuba ziphume ezweni lakhe.

Uhulumeni wase-Ethiopia useyalele ukuthi kuxoshwe izikhulu eziyisikhombisa eziphezulu zezizwe ezihlangene ezweni labo ngokugxambukela izindaba zabo zangaphakathi.

Lokhu kuvele ngoLwesine ngemuva kokuba abasebenzi bezenhlalakahle bekhiphe isixwayiso sokuthi abantu basenyakatho nesifunda sase-Tigray babulawa indlala ngenxa kahulumeni ovimbele usizo lokudla.

Cishe bangaphezulu kwezigidi abantu ababulawa indlala ngenxa kahulumeni ozicabangela yena yedwa.

Izikhulu ezinikezwe imizuzu engama-72 ukuthi ziphume ezweni lakhe, beziphethe ukwengamela kosizo lwamazwe omhlaba.

Izwe lase-Ethiopia libhekene nempi yezikhali cishe unyaka selokhu isifunda sase-Tigrayan kwangena amasosha ase-Ethiopia kanye ne-Eeitrean neqembu lamasosha e-Amhara ethnic. Nomakunjalo, i-Tigray ikwazile ukulwa iziphindisele futhi isinqobe izimpi eziningi. 

Izinhlangothi ezimbili njengamanje zisenkingeni, kodwa uNgqongqoshe u-Abiy Ahmed usekhiphe isixwayiso sokuhlaselwa njengoba isizini yokulwa iqala kabusha ezinyangeni ezizayo.

Sekuphele amasonto, uhulumeni wase-Ethiopia evimbe ngamabomu usizo lwabezenhlalakahle ukuthi lifike e-Tigray. Umthombo wangaphakathi uthi ukuxoshwa kwabaholi be-UN kusho ukuthi angeke kube khona amehlo amazwe omhlaba azobheka ngesikhathi sekuhlasela indlala.

Unobhala we-UN u-Antonio Guterres uthe ubethukile ngokuxoshwa kwabo.

Khonamanjalo, unobhala kaMengameli e-White House uJen Psaki uthe iMelika izohlehlisa usizo ngaphandle kokuthi kube nenqubekela phambili ebonakalayo.

Izihloko zakamuva