Uhulumeni waKwaZulu-Natali ubengafuni kugujwe umkhosi womhlanga kulo nyaka

Celani Sikhakhane

Uhulumeni waKwaZulu-Natali usehoxise uxhaso lwakhe abelufaka uma kwenziwa imicimbi yasesigodlweni saseNdlunkulu ngenxa yezingxabano ezikhona zokubangwa kwesihlalo sobukhosi.

NgoNdasa uNdunankulu uSihle Zikalala wamemezela ukuthi isabelomali ehlelelwe iNdlunkulu izigidi ezingama-66 zamarandi.

Kodwa le mali ayikakadedelwa.

Ngokujwayelekile uhulumeni waKwaZulu-Natali esebenzisana nomnyango wamasiko nezobuciko bajwayele ukuchitha izigidi zamarandi ukusiza izinhlelo zokulungiselela imigubho ejwayele ukwenziwa, lapho kubalwa khona umkhosi womhlanga, ukukhumbula iNkosi uShaka, isikhumbuzo sendlu yase-Sandlwana Anglo Zulu War, noMkhosi wokweShwama kanye neminye .

Umgubho wezintombi zomhlanga owenzeke ngoMgqibelo esigodlweni sasebukhosini esibizwa ngeNgwavuma Machobeni, ubuxhaswe iqembu le-IFP eliphethwe eJozini kanye nomasipala abahlanu bakwaHlabisa.

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini wethule inkulumo yakhe ngesikhathi kugujwa usuku lomkhosi womhlanga, wagxeka isinqumo sikahulumeni sokufuna ukuvala umkhosi womhlanga ungabikhona kulo nyaka. Wabakhumbuza ngohulumeni wobandlululo ukuthi wayengayifuni imigubho yasebukhosini.

“Ngesikhathi kuqala le migubho eminyakeni engama-37 eyedlula uhulumeni ubengakaze ayiseke” kusho iSilo Samabandla uMisuzulu.

Inkosana uPrince Thulani Zulu uqinisekisile wathi uhulumeni utshele ihhovisi lakhe ukuthi angeke afake uxhaso kwimigubho yaseNdlunkulu koze kuphele izingxabano abanazo.

ISilo samaBandla uMisuzulu uhloniphe abazali bakhe ngokuthi baqeqesha izintombi ezisencane ngosuku lokugubha umkhosi womhlanga.

Ngesikhathi kuqala umkhosi womhlanga ngonyaka wezi-1984, iSilo samaBandla uZwelithini kaBhekuzulu wasebenzisa lo mcimbi ukuze akhethe unkosikazi wesihlanu, iNdlovukazi uNompumelelo Mchiza oqhamuka esigodlweni sasebukhosini eNyokeni.

Umgubho womkhosi womhlanga ngoMgqibelo bekumele uholwe ngamakhosikazi amahlanu eSilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu osewakhothama. Kodwa bonke bebengekho, bangabanye balaba abasemndenini abangahambisani nesinqumo sokukhethwa kweSilo samaBandla uMisuzulu.

Bekumele bahole ukukhanyiswa kwamakhandlela angama-37, kodwa bathathe isinqumo sokungaveli nangokhalo.

ISilo sitshele izintombi ukuba zingatatazeli ngesimo esenzekayo esigodlweni sasebukhosini. 

Usihlalo wendlu yesifundazwe sobuholi bendabuko iNkosi uPhathisizwe Chiliza utshele abakade behambele lo mcimbi ukuthi abangadideki ngokwenzeka esigodlweni sasebukhosini.

“Siyazi ukuthi ubani iSilo sethu, okwenzeka esigodlweni sasebukhosini akungasiphambanisi imiqondo” kusho uChiliza.

Izihloko zakamuva