Njengoba izindawo zikagesi zakwa-Eskom zicekelwa phansi kuphinde kuntshontshwe amakhebuli isethembiso sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokuletha i-SANDF singase sizwakale njengesixazululo esingcono.
Kodwa uchwepheshe oyedwa wezokuphepha uthi lesi sinyathelo njengamanje angeke sisebenze.
NgoLwesihlanu olwedlule uRamaphosa uthembise ukuthi umbutho wezokuvikela uzoqapha izindawo zikagesi zakwa-Eskom.
NgoMgqibelo u-Eskom uluqinisekisile lolu daba wathi isinqumo abasithathile basenziswe ukwanda kokucekelwa phansi kwempahla nenkohlakalo ezindaweni eziphehla ugesi wamalahle nodizili.
Kodwa ngokusho komhlaziyi wezokuphepha nokuvikela uHelmoed-Römer Heitman, uthi okumele kwenziwe amasosha ukwengeza umfutho kubasebenzi bezokuphepha abakhona bakwa-Eskom.
“Amasosha angasiza ukugada abasebenzi bakwa-Eskom baphinde balekelele onogada bakwa-Eskom.”
“I-SANDF ayizange iqeqeshelwe ukwenza lokho obekuhloswe ngakho onogada bakwa-Eskom. Ngisho noma bangasatshalaliswa kuzo zonke izingqalasizinda u-Eskom usazophoqeleka ukuthi uqinise ezokuphepha ngaphakathi.”
Okhulumela ihhovisi likaMengameli, uVincent Magwenya uthe kuzotshalwa amasosha ayishumi endaweni ngayinye yokuphehla ugesi.
Leyo nombolo encane ngeke isebenze kuphawula uHietman. Angeke abe namasosha anele azofakwa kuzo zonke izindawo zokuphehla ugesi.
Elakuleli libhekene nenkinga yokucinywa kukagesi kulo nyaka, njengoba sekufinyelelwe esigabenisesikhombisa. U-Eskom usekusho kaningi ukuthi isimo esibi sokuguga kwemishini ephehla amalahle sisho ukuthi kuzonyuka ukonakala nokuthi ukulungiswa kwawo ngeke kuhlehliswe.
UMagwenya uthe u-Eskom ukwamukele ukwesekwa i-SANDF. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi izinsuku zokungasebenzi kahle nezenzo ezimbi zizobhekwa nguhulumeni.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe esingenhla: amasosha e-SANDF nabezindaba ze-Daily Merrick
Umthombo Wesithombe: @citizen.co.za