Dylan Bettencourt
Yize iqale ngendlela ejabulisayo i-Africa Cup of Nations, abantu abahambele lo mqhudelwano bancane kakhulu.
Emzamweni wokushintsha lokho, uhulumeni wase-Cameroon umemezele ukuthi wonke umsebenzi womkhakha womphakathi kanye nezikole kumele zigcine ukusebenza ngehora lesibili ntambama ngezinsuku okudlalwa ngazo lemidlalo.
Kuze kwabikwa ukuthi izikhulu zizoma ngaphandle kwezinkundla ngaphambi kwemidlalo zikhipha amathikithi amahhala.
Banethemba lokuthi lezi zinyathelo zizogqugquzela abantu ukuthi bahambe bayobuka imidlalo njengoba umqhudelwano usuzongena esigabeni somkhumulajezi.
Edolobheni lase-Buea ezingxenyeni eziseNingizimu nasentshonalanga e-Cameroon, lapho kukhula khona impi phakathi kwamasosha nabantu abenenkolo ehlukene, imeya yedolobha yenze kwaba impoqo kubasebenzi bomkhandlu wesifunda ukuya emidlalweni .
I-Limbe okuyidolobha lapho kukhona inkundla yezemidlalo kubonakale abalandeli bemidlalo beyidlanzana. Kodwa ngemithetho emisha ebekwe uhulumeni, inani lababekhona liye laba ngcono kule midlalo embalwa edlule.
Imigomo nemibandela ye-Covid-19 nayo ingase ibe imbangela yamazinga aphansi enkundleni. Bonke abafuna ukuya enkundleni kumele baphathe imininingwane yabo ekhombisa ukuthi bagonyiwe ukuze bakwazi ukungena enkundleni.
Kodwa-ke, inani labantu base-Cameroon okuthiwa sebegonywe ngokuphelele libalelwa kumamaphesenti amabili
Kwabanye abalandeli, ukuya emidlalweni nokweseka iqembu labo bekuyithuba eliyingqayizivele abakade bengeke bakwazi ukuliyeka.
UTamula Ernest, ongubaba wezingane ezintathu, wayeka umsebenzi wakhe wokuba umakhi ukuze alandele i-Cameroon ayithandayo kulo mqhudelwano.
“Ngilandela ama-Lions uma eziqeqesha futhi edlala imidlalo enkundleni ebizwa nge-Olembe ,” etshela i-Al Jazeera.
“Ngaya e-Equatorial Guinea ngesithuthuthu sami kwi-Afcon ngonyaka ka-2015. Ngenza into efanayo e-Gabon ngonyaka ka-2017 futhi manje ngise-Cameroon. Ngiphila ukufeza iphupho lami.”
Kukhona abanye abalandeli, abajabulela ukubukela imidlalo ezindaweni zabalandeli esikhundleni sokuya enkundleni ukuyolibukela bukhoma.
“Lapha udinga imali yeziphuzo bese uhlala ujabulela umdlalo. Ukuze uye enkundleni yezemidlalo, udinga ithikithi lomdlalo, ikhadi lokugoma kanye nokuhlolwa kwe-PCR. Lokho kuwumsebenzi omkhulu kimi,” kusho uJean Paul.
Amathikithi abiza kusuka ku-R75 kuya ku-R450. Isizwe esisingathe lesi sithangami siveze ukuthi inkundla ivunyelwe ukuthi ithwale abantu abangamaphesenti angu-60% kodwa isibalo selokhu kuqale imidlalo sincane kakhulu.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian