Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kuyaphela ukutanasa ngezimoto zikanokusho koNgqongqoshe bakahulumeni wakwaZulu-Natal njengoba kuvalwe ukuchithwa kwemali ezintweni zikanokusho nasemicimbini.
Ngisho nabaculi abamba eqolo uma beqashwa emicimbini kahulumeni wesifundazwe nabo ziyabakhalela njengoba iNhloko yoMnyango weziMali KwaZulu-Natal uNkk Carol Cotzee eshaye phansi ngonyawo wathi akusekho mali ezobhubhudlwa kodwa izosetshenziswa ezidingweni zoMphakathi.
Lo myalelo kaNkk Cotzee uqale ukusebenza ngoLwesihlanu mhla zizinye kuLwezi nokuyilapho okuvalwe khona ngisho imicimbi yokuphela konyaka yeminyango kahulumeni.
Mayelana nezimoto zoNgqongqoshe, kuthiwa okwamanje ngoba basanda kungena abasebenzise okwesikhashana izimoto eziqashiwe ngokwenani elingedluli emailini engu-R70 000 ngenyanga nokumele kuhambisane namakhilomitha amahhala angu-8000 noma R16 ngosuku.
“Ngale kwalokho kuzomele bafake izicelo zokuthengelwa izimoto ngokwemigomo ye-Ministerial book ungakadluli umhlaka-15 kule nyanga. Inhloso ukonga imali yabakhokhibentela okufanele ibhekane nezidingo zomphakathi kunokuba ibhubhudlwe ezintweni ezingenaso isidingo,” kusho umyalelo kaNkk Cotzee.
Emicimbini kahulumeni okungaba eyezemidlalo nokunye, umyalelo uthi uma kuthengelwe abadlali amajezi nokunye kumele bakusebenzise bese bayakuwasha bakubuyise ngoba ayisekho imali yokuthenga okunye.
Indaba yokuqasha izinkampani eziphekayo emicimbini isinemithetho eqinile njengoba kuthiwa okungenani umpheki akhokhelwe imali engu-R200 ipuleti lo muntu ngamunye ukuze kugwemeke izizumbulu ezichithwa ekudleni.
Abaculi ababizayo basenkingeni ngoba sekuzoqashwa labo ababiza ngokwemigomo ebekwe uhulumeni futhi abasohlwini lwabalindele ukuthola imisebenzi olubizwa nge-database eseMnyangweni wezobuCiko ezeMidlalo namaSiko.
Abasebenzi bakahulumeni bona abafuna ukwenza imicimbi yokuphela konyaka alusekho uxhaso abazoluthola kahulumeni kodwa sekuzomele bakhiphe emaphaketheni abo bahlanganise.
Okunye ukuthi isizoqashwa ngelokhozi indaba yabasebenzi abafaka izicelo zokukhokhelwa amakhilomitha njengoba sekuzocutshungulwa ukuthi ngabe bebeyephi futhi lokho bekuphoqa yini ukuthi bahambe. Imali abazokhokhelwa yona uma izicelo zabo zigunyazwa ayizukudlula ohambeni lwamakhilomitha angu-1 700.
Iyaphela futhi indaba yemicimbi yezifunda esuke ingenziwa ngosuku olulodwa njengowoSuku lweNgculaza olubungazwa emhlabeni jikelele. ONgqongqoshe bayavalwa ukuthi bahlale begqigqa emicimbini yaphesheya kwezilwandle engenasidingo.
Abasebenzi nabo kuzocutshungulwa ukuthi imihlangano ethile iyaphoqa yini ukuthi baye kuyo noma bandize noma bahambe phansi esikhundleni sokuyithamela ngokohlelo olu-virtual.
