Uhulumeni wakuleli uqede isimo senhlekelele sikazwelonke esiqaliswe ezinyangeni ezimbili ezedlule ukubhekana nenkinga kagesi.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uThembi Nkadimeng esitatimendeni sakhe ngoLwesithathu uthe isimo senhlekelele siphelile.
“Yonke imithethonqubo neziqondiso zenziwe ngokwesigaba 27(2) soMthetho [weNhlekelele kaZwelonke] ngokulandela isimemezelo sesimo senhlekelele kuzwelonke ukuze kubhekanwe nomthelela noma izingqinamba ezinzima zokuphakelwa kukagesi ngakho-ke, zichithwe ngokushesha,” ebhala.
UNkadimeng noNgqongqoshe wezaMandla kagesi uKgosientsho Ramokgopa oqokwe ngemuva kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ememezele isimo senhlekelele enkulumweni yakhe yeSimo Sezwe bazokwethula yonke imininingwane kwabezindaba ngoLwesithathu.
Ngaphambi kwalesi sithangami kukhishwe isitatimende esithi isimo senhlekelele “siyimpendulo edingekayo” mayelana nokucishwa kukagesi.
“Isimo senhlekelele senze uhulumeni wakwazi ukuthuthukisa ukungenelela kweKomiti likaZwelonke leziNkinga zaMandla ngokoHlelo lokuSebenza kwezaMandla,” kufundeka isitatimende.
Ukuqokwa kukaRamokgopa kuphinde kwagqanyiswa njengento “enika amandla” ukwenza ngcono inkinga kagesi.
“Njengohlaka oluhlanganisa izindawo zokusebenza kanye nezinsiza kuhulumeni, i-National Energy Crisis Committee inikeza uxhaso kuNgqongqoshe (uRamokgopa) ekuhlonzeni nasekuxazululeni izingqinamba,” kufundeka isitatimende.
Lesi sinyathelo siza ngemuva kokuthi ngoLwesithathu uNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana athi okwamanje uhoxise ukukhululwa kwemali kwa-Eskom eMthethweni wokuphathwa kwezimali zomphakathi.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: Isiteshi esiphehla ugesi i-Kendal