Uhulumeni ungenelela ekusizeni ekulandweni kwesidumbu somfundi wakuleli oshonele ePhilippines

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ushone kungazelelwe umfundi obenza iziqu zobudokotela waKwaZulu-Natal, e-Philippines emasontweni ambalwa ngaphambi kokuthi athweswe iziqu.

USnegugu Myeni, obengumfundi we-neurology wase-Utrecht ngaphandle kwase-Newcastle ugule kungazelelwe ngesikhathi elungiselela ukugibela indiza esuka e-Philippines eya eNingizimu Afrika ngomhlaka-10 kuNtulikazi.

Umama kaSnegugu, uLindiwe ubelungiselela ngenjabulo ukuthweswa iziqu kwendodakazi yakhe ngesikhathi ethola lezi zindaba ezibuhlungu. 

Esikhundleni sokubungaza impumelelo yendodakazi yakhe, usezithola esebhekene nomsebenzi ongacabangeki wokuhlela umngcwabo wayo.

Kuthe sekusele inyanga ukuthi athweswe iziqu, uhambo lukaSnegugu lwanqamuka esikhumulweni sezindiza e-Philippine. 

Ugule kungazelelwe washona kabuhlungu. Unina, egcwele usizi uchaze ngemininingwane edabukisayo yezikhathi zokugcina zendodakazi yakhe.

“Ugule esikhumulweni sezindiza washonela khona e-Philippines ngesikhathi elungiselela ukugibela indiza ezobuyela ekhaya ngoMsombuluko odlule,” kusho unina.

“Ubelungiselela ukuthweswa kwakhe iziqu ngoNcwaba. Ungitshele ukuthi ukujabulele kakhulu ukubuya eNingizimu Afrika ukuzosiza umphakathi wangakubo.”

Ngemuva kokubhuntsha kwemizamo yakhe yokubuyisela amathambo endodakazi yakhe ekhaya ngenxa yezindleko ezingaphezulu kuka-R2 million zokubuyiswa noma ukushisa isidumbu e-Philippines, uLindiwe Myeni uphendukele ezinkundleni zokuxhumana ukucela usizo.

Uhulumeni waseKZN usungenelele ukweseka lo mndeni okuhlanganisa nokukhokha imali engu-R216 000 efunwa Icebolethu Funerals ukuze kubuyiselwe isidumbu sikaSnegugu ekhaya.

Ibamba likaNdunankulu uNksz Nomagugu Simelane Mngadi uthe sebejube uMqondisi Jikelele uNksz Nonhlanhla Mkhize ukuthi asebenzisane nomndeni wakwaMyeni, ahlinzeke ngosizo nokweseka ngalesi sikhathi esinzima.

Osesithombeni esingenhla: ULindiwe Myeni, unina womfundi oshone esikhumulweni sezindiza e-Philippines ngesonto eledlule

Izihloko zakamuva