UHulumeni ukhihla eseNdlovukazi uNandi ngezinhlelo zokuvala inkampani yokusansimbi ekubeni esenze izaba ukuvimba umuga

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UHulumeni ukhathazekile ngezinhlelo zokuvalwa kwenkampani enkulukazi eNingizimu Afrika yokusansimbi e-Newcastle, ekubeni esezame isixazululo nezinhlaka ezifana no-Eskom ukuba isizakale.

Lokhu kuvezwe oKhulumela uMnyango wezoHwebo neziMboni kuleli uNksz Yamkela Fanisi ngemuva kokuba inkampani i- ArcelorMittal imemezele izinhlelo zokuvala igatsha layo elikwaZulu-Natal.

Uthe miningi imizamo esiyenziwe njengoba uMnyango ubunezingxoxo ezijulile ehlanganisa izingxoxo ebezingoZibandlela phakthi koMnyango kaGesi Namandla, owezokuThutha, i-Transnet, u-Eskom nezimboni ezizimele ukuze kuhlengwe le nkampani.

“Yize kunje kodwa okubalulekile manje ukuthola isixazululo nokuthi kuyiwa kanjani phambili ukuze le nkampani kanye nemboni yokusansimbi iwukhulisa kanjani umnotho,” kusho uNksz Fanisi.

Uveze nokuthi kumanje uMnyango uhlela ithimba elizohola izingxoxo zokuxazulula inkinga ebhekene nale nkampani ukuze ingavalwa.
Le nkampani ingumgogodla womnotho e-Newcastle nakubantu baKwaZulu-Natal njengoba kunenqwaba eqashwe khona.

Okunye ukuthi nemphakathi yase-Newcastle iyahlomula ngokuqashisa ngezindawo zokuhlala kubasebenzi bakude kanye nokwenza amanye amabhizinisi afakela izakhamizi imali.

Izihloko zakamuva