Celani Sikhakhane
Izinhlaka zikahulumeni KwaZulu-Natal nosomabhizinisi abazimele bazohlangana ukuze basize labo abashonelwe izihlobo zabo nabalahlekelwe impahla yabo ngesikhathi sezikhukhula.
Uma uthintwe izikhukhula uzokwazi ukuthola usizo lukahulumeni kanti nansi indlela ezokusiza.
Izakhamuzi ezithintekile ziyakhuthazwa ukuthi ziye emahhovisi kaMasipala noma ezikhungweni zezenhlalakahle ziyobhalisa ukuze zithole izimali zosizo.
I-South African Social Security Agency (i-Sassa) ithe imindeni eshonelwe ilungu kufanele ithole isibonelelo sika-R3,960.
Bazothola nevawusha yokudla ka-R1,200.
Abafundi abalahlekelwe imifaniswano yesikole ngenxa yezikhukhula kumele bafake isicelo ukuze bezothola u-R2,700 uma uyingane yentombazane kanti abafana bazothola u-R2,500.
I-Avbob inikele ngo-R7 million ozosiza imiphakathi ethintekile ngokusebenzisana ne-Gift of the Givers, i-Rise Against Hunger ne-SPCA.
Imindeni eshonelwe izothola ikhava yomngcwabo yamahhala efinyelela ku-R20,000 umuntu ngamunye oshonile.
Usizo lomngcwabo luyatholakala kuwo wonke amahhovisi akwa-Avbob.
UMasipala weTheku ukhiphe u-R15 000 wokusiza umuntu ngamunye oshonile kodwa imindeni kuzomele ithole incwadi ephuma ekhanseleni lewadi eshoyo ukuthi isihloliwe ukuze kutholakale imali.
Abafake izicelo kuyodingeka baveze isitifiketi sokushona komufi, ikhophi kamazisi walowo ohlomulayo, incwadi yokuqinisekisa yasebhange kanye nencwadi egunyazayo ezotholwa eHhovisi eNduna.
Enkulumeni yakhe ekhethekile ngoMsombuluko ebusuku uMengameli uCyril Ramaphosa uthe uhulumeni ucele i-Solidarity Fund ukuthi ingenelele enhlekeleleni yase-KZN.
I-Solidarity Fund yasungulwa eminyakeni emibili eyedlule ukuze inikeze usizo kulabo ababengakwazi ukubhekana nomvalelandlini njengoba imisebenzi eminingi yamabhizinisi yamiswa ngaleso sikhathi.
Ukungenelela kwawo akunqunyelwe ngoba kusiza noma ngubani othintekile kanti uhulumeni usiza kuphela labo okuthiwe ibona abathinteke kakhulu.
