Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Ngemuva kwemizamo yokuqala yokubuyisa izelamani zakwaGupta kuleli, uhulumeni umemezele ezinye izinhlelo zokubuyisa amalingu alo mndeni.
INhloko yamaJaji uRaymond Zondo obenguSihlalo wekhomishini yokulawulwa kombuso, uthe abakwaGupta nezinkampani ezihambisana nabo bahlomula imali elinganiselwa ku-R73 billion kuhulumeni.
Imizamo yokuqala yokubuyisela izelamani zakwaGupta ukuze zibhekane namacala okukhwabanisa, inkohlakalo nokushushumbisa imali ayiphumelelanga ekuqaleni.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uRonald Lamola uthe amanxusa akuleli awazange aziswe iNkantolo yase-United Arab Emirates ngezinsuku ezifanele zokulalelwa kwalesi sicelo.
“Akekho ummeli wakuleli noma omunye obekade azi ngecala laseNkantolo ukuthi lizohlala nini ngoba iziNkantolo azifani, le akuyona iNkantolo enohlelo oluvulelekile.”
Ngesikhathi kuqhubeka inkulumo mpikiswano ePhalamende ngalolu daba, uNgqongqoshe uzichithile izinsolo zokuthi i-National Prosecuting Authority ishaye indiva amaphepha esicelo.
I-EFF ithe izikhulu eziningi nosopolitiki abathinteka enkohlakalweni yekhomishini yokulawulwa kombuso abakashushiswa.
“I-NPA ngokwayo ayisebenzi nhlobo futhi iholwa ngumuntu ongakwazi ukusebenza kahle njengoShamila Batohi. Abakashushisi noyedwa umuntu othinteka kwizinsolo zokugwamandwa kombuso,” kusho iqembu.
Ilungu le-DA ePhalamende uGlynnis Breytenbach uthe iqembu lifuna kube nohlaka oluqinile lomthetho ukuze abakwaGupta baboshwe kuleli.
“Sekuphele iminyaka izelamani zakwaGupta zinamandla angafanele ezinqumweni ezibalulekile zikahulumeni futhi beziphakathi kwezinsolo zenkohlakalo nophenyo olenzeka kuleli.”