UHulumeni namakhosi bahloniphe umsakazi woKhozi ngokuthola indondo yonyaka

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UHulumeni waKwaZulu-Natal namakhosi bahloniphe umsakazi woKhozi FM ngeqhaza lakhe emphakathini nangendondo asanda kuyinqoba kuBasadi Women in Music.

Lokhu kwenzeke emcimbini obuseDokodweni ngoLwesihlanu ngaphansi kweNkosi yaseMacambini, obuhanjelwe izinkumbi zamalungu omphakathi nabafundi bezikole zendawo.

UNgqogqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi uthe sebethathe isinqumo sokuthi basebenze nenhlangano kaNonhlanhla Mroza Buthelezi okuyiThumumlilo ukufukula intsha ngokwemikhakha eyahlukene.

“Ngenxa yomsebenzi omuhle owenziwa uMroza nenhlangano yakhe , sesithathe usinqumo njengoMnyango ukuba sisebenzisane naye ukuze sikwazi ukusiza intsha yakithi ukuba ithuthukiswe ngokwamakhono ahlukene.

“Okunye sizokhipha nemifundaze yokuba abafundi bakuMatikuletsheni bahlomule ukuze baqhubeke nezifundo zabo ezikhungweni zeMfundo ephakeme,” kusho uButhelezi.

Uphinde wagxeka ukubulawa kwabesifazane nezingane wathi abazukwazi ukukubekezelela.

UMroza uphinde wasebenzisa lo mcimbi ukukhumbula umfundi owanqunywa wabulawa eDokodweni ngo-2021 maqede wangcwatshwa ezimobeni.

U-Amanda Mthethwa owayenza ugrade 6 eDokodweni Primary bekuhlangana iminyaka emine abulawa.

UMroza uthe inhliziyo yakhe yaba buhlungu ngesigameko sika-Amanda ngoba umndeni wakhe wawubheke lukhulu kuye.

“Kuthe uma ngithola le ndondo ngathatha isinqumo sokuthi ngizokwenza okuthile ngakithi ukuze sikhumbule u-Amanda. Okunye siyabonga kakhulu ukuthi nakuba singabantu basemakhaya kodwa uHulumeni akazange asibukele phansi, kunalokho unqume ukusondela kithi ukuba asisize ngokuba abambisane nenhlangano iThumumlilo nokuyinto enkulu kakhulu kimi,” kusho uMroza.

Umndeni ka-Amanda obukhulunyelwa uNksz Dudu Mchunu ubonge kakhulu ngokwesekwa okutholile kodwa wakhala ngokuthi awukabikelwa ukuthi umsolwa kwagcina kwenzakaleni ngaye, ngaphandle kwamahemuhemu okuthi wagetshwa iminyaka engu-28.

Izihloko zakamuva