Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba ufuna uhulumeni athumele amasosha ayothatha izikhali kwabanye abanikazi bezitolo zezipaza abasabisa abantu bendawo ngezibhamu.
Le nhlangano iphokophelele ekutheni kube nomthetho omusha ozonika abantu baseNingizimu Afrika amandla okulawula umnotho wezitolo zasemalokishini obiza u-R200 billion.
Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba ufuna amasosha agasele ezitolo eziyizipaza emalokishini ashaqe izibhamu kubanikazi abasabisa abantu bendawo abaphonsela amabhizinisi abo inselelo.
UMashaba ushaye leli khwelo ngesikhathi evakashele izipaza ezitolo zaKwaMashu, eThekwini, ngoMsombuluko.
Uthe uhulumeni kumele athathe isinyathelo ngemuva kokuthi abanye abanikazi bezitolo besabise ngokulwa nabantu bendawo abavala izitolo zabo kulandela ukushona kwezingane ngokudla obunobuthi.
“Uhulumeni kumele angenelele ngokushesha avale zonke izipaza eziphethwe abokufika ukuze kugwemeke ukushona kwabantu ngenxa yezigameko zokudla okunobuthi osekuhlasele kakhulu izingane,” usho kanje.
Ebebehambele izitolo elokishini laseSiyanda noSihlalo waseKZN uZwakele Mncwango kanye neLungu lePhalamende uLerato Ngobeni, uMashaba nabo bakhulume ngomthethosivivinywa omusha wezitolo zamaspaza ozolawula izitolo eziphethwe izakhamuzi zangaphandle .
UNgobeni uthe lo mthethosivivinywa uhlose ukunika abantu bakule ndawo ukulawula ngokugcwele umnotho wezitolo eziyizipaza obiza u-R200 billion nokudala amathuba omsebenzi kubantu baseNingizimu Afrika.
Umnikazi wesipaza wakule ndawo uMzimkhulu Gama uthe ukwehlisa isibalo sabanikazi bezitolo abakuleli ngokungemthetho kuzosiza osomabhizinisi bendawo ukuthi bakhe kabusha futhi basekele imiphakathi njengoba benza ngesikhathi kwakusenobandlululo.
UMengameli Cyril Ramaphosa utshele izakhamizi zeTheku ngoLwesihlanu ukuthi uhulumeni uzolawula izitolo eziyizipaza futhi abhekane nodaba lokudla okunobuthi.
Esithombeni esingenhla: Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba oqhuba impi yakhe elwa nezipaza zabokufika ezingekho emthethweni ezingezamalokishi aseThekwini.
Umthombo: Sithunyelwe
