Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Abantu bendawo basize abavukuzi abangaphezu kuka-1 400 kanti uhulumeni udinga u-R1-million ngosuku ukuze akhokhele abatakuli abangongoti.
Kutholwe izidumbu eziyisishiyagalolunye ngaphansi komhlaba, kanti amalungu omphakathi alokhu ethumela ukudla kubavukuzi.
Uhulumeni wase-North West ngeke akwazi ukuhlenga abavukuzi abaningi emayini endala yase-Stilfontein ngenxa yokuthi abanayo imali eyanele.
UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uWessels Morweng uthi bathole amadoda ephethe izibhamu ngesikhathi ethumela ikhamera ku-shaft 11 ngenyanga edlule.
“Ikhamera ikhiphe imininingwane, kumele sikucacise emphakathini, ikhombisa amadoda ahlomile ngaphansi komhlaba. Kumele sisiphathe kahle isimo. Isigaba 11 soMthethosisekelo, esikhuluma ngelungelo lokuphila, siyasebenza naso kwabesilisa nabesifazane abangamaphoyisa,” usho kanje, kubika i-East Coast Radio.
Khonamanjalo, abantu bendawo basize abavukuzi abangaphezu kuka-1,400 ukuba baphume emayini yegolide yase-Buffelsfontein.
Ezonkundleni zokuxhumana babizwa ngamadlozi aphilayo ngenxa yokuthi bangaphanai komhlaba kodwa bayakwazi ukuba nezicelo zokudla okungavamile, abavukuzi abangekho emthethweni bahleli emigodini yegolide engasasetshenziswa.
Balokhu bekhipha abavukuzi abagulayo nezidumbu zalabo abashonile.
Isikhulu samaphoyisa uFannie Masemola uthi badinga u-R1-million nsuku zonke ukuze bathumele abatakuli ngaphansi komhlaba.
“UNgqongqoshe usebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi uyayithola imali ukuze siqhubeke nohlelo. Kufanele sigweme ukuphumela obala emphakathini njengoba sizoziphendulela kuwo. Okubalwe kulolu hlelo udaba lwemali, futhi sihlonipha izinhlelo zikahulumeni,” kusho uMorweng.
Umholi womphakathi uJohannes Qankase uthi basathumela ukudla kubavukuzi ababuthaka kakhulu ukuthi bangakwazi ukuphuma.
“Sisalinde uxhaso oluvela kubaxhasi abasilekelelayo. Njalo uma befika esizeni nokudla sikwehlisela kubantu ukuze babuyelwe amandla baphinde bavuke. Kodwa lokho akuvimbi uhlelo lokukhuphula abantu. ,”echaza.
Abanye abavukuzi abahlengiwe bathi iqeqebana abalibiza ngaBaSotho lizigcinela konke ukudla ngaphansi komhlaba.
Amaphoyisa athole izidumbu eziyisishiyagalolunye endaweni engu-2.5km ukushona ku-shaft 11. Athumele abavukuzi abangu-84 emazweni abo. Iningi labavukuzi abangu-1 400 abahlengiwe liphuma e-Zimbabwe, e-Mozambique, e-Lesotho nase-Malawi, nabantu baseNingizimu Afrika abangaphansi kuka-20.
Esithombeni esingenhla: Imizamo yokuhlenga iyaqhubeka emayini yase-Stilfontein
Umthombo: Ifayela