Dylan Bettencourt
Abasingathi beNdebe Yomhlaba ye-Fifa yakulonyaka ezoba se-Qatar bekumele badlale neqembu lase-England i-Watford emdlalweni wobungani, kodwa uhoxisiwe ngenxa yokukhathazeka ngerekhodi elibi lamalungelo abantu.
Amaqembu amabili asekela iqembu le-Women of Watford (i-WOW) kanye ne-Proud Hornets anxuse iqembu ukuthi uhoxiswe lo mdlalo ukuze bakhombise ukweseka amalungelo, umphakathi we-LGBT + namalungelo abantu.
“Umdlalo awuzange uphothulwe futhi kwacaca ngokusobala ukuthi bekungamele udlalwe. Ngaleyo ndlela uhlelo luzobuyekezwa,” kusho isitatimende seqembu.
I-Qatar Football Association (i-QFA) ithe bathole izicelo eziningi zemidlalo yobungani emaqenjini ase-Europe okubalwa ne-Watford.
“Ngemuva kwalokho sithathe isinqumo sokukhetha imidlalo yobungani namaqembu ahlukene ase-Europe.
I-Watford ibingekho phakathi kwale midlalo ezodlalwa iqembu ,” kusho isitatimende se-QFA.
Isigungu esilawula ibhola lase-Qatar asizange siwadalule amaqembu acele umdlalo wobungani.
Ngenxa yokuthi ukuthandana nobulili obubodwa akukho semthethweni ezweni lama-Arabhu amaqembu nabasekeli be-Watford babone ukuthi iqembu labo angeke likwazi ukuqhubeka nomdlalo.
“I-WOW kanye ne-Proud Hornets bajabule ngesinqimo se-Watford FC sokubaseka nangokuhoxisa umdlalo ne-Qatar,” la maqembu womabili abhale isitatimende esisodwa ku-Twitter.
“Sibheke ngabomvu ukuqhubeka nezingxoxo zethu neqembu mayelana nakho konke ukulingana, ukuhlukahluka kanye nezinkinga.”
I-Watford yaphuma kwi-English Premier League ngesizini edlule ngemuva kokuba semuva ku-19.
Umthombo wesithombe: @WatordFootballClub