
Dylan Bettencourt
Umsubathi wase-Ukraine u-Anastasiia Laletina uhoxile emjahweni we-Beijing Paralympic Games ngemuva kokuzwa ukuthi uyise uthunjwe amasosha ase-Russia.
Le ntombazanyana eneminyaka engu-19 ubudala ibizoqhudelana ebangeni eliphakathi kwi-Sitting para biathlon ngoLwesibili ekuseni, kodwa izindaba zokuthunjwa kukayise zimenze wahoxa emjahweni.
“Uyise uyisosha lebutho lase-Ukraine futhi uboshwe amasosha ase-Russia.
Amasosha ashaye ubaba wakhe okumenze waphatheka kabi futhi wangakwazi ukubamba iqhaza kulo mjaho,” kusho okhulumela ithimba etshela i-AFP.
Iwebhusayithi ye-Paralympic Games isaveza lomsubathi wase-Ukraine njengobhalise ukuncintisana emqhudelwaneni we-para Cross-country skiing kodwa akukacaci ukuthi usazoba ingxenye yini e-Beijing.
Abasubathi abangu-20 abavela e-Ukraine belibangise e-China ukuyoqhudelana kuma-olimpiki bafike bazuza izindondo ezingu-31 kuze kube manje, eziyisithupha kuzo ezegolide.
Ekuqaleni kwemidlalo, i-Paralympic Committee ivimbe bonke abasubathi base-Russia nabase-Belarus ukuthi bangenele le midlalo kulandela ukuhlasela kwe-Ukraine.
Abasubathi bakulesi sifunda bavumile ukuthi kunzima ukugxila kule midlalo njengoba izwe labo lihlaselwa.
“Ngokwemizwa kunzima kakhulu ukugxila emjahweni nasemqhudelwaneni, ngakho lena imidlalo yama-Paralympic enzima kakhulu kimi,” kusho umsubathi u-Oleksandra Kononova.
UDmytro Suiarko uthe ukusebenza kwakhe kwehle ngemuva kokuthola ukuthi umuzi wakhe uqhunyiswe ngebhomu futhi wacekelwa phansi amabutho ase-Russia.
“Ngiyajabula ukuba kulo mncintiswano, kodwa niyasazi isimo sase-Ukraine.
Ukugxila kuyadingeka kwi-biathlon futhi ngiphuthelwe umdlalo kabili. Izolo indlu ebengihlala kuyo iqhunyiswe ngamabhomu yacekelwa phansi,” usho kanje etshela i-Guardian.
Umthombo wesithombe: @NewYorkPost