UHolomisa usola i-ANC ngokubulala iqembu lakhe

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UJenene Bantubonke Holomisa usola i-ANC ngokushabalala kwe-United Democratic Movement (UDM) KwaZulu-Natal.

UHolomisa uthi i-ANC yasebenzisa imali yayo kanye nomthetho wokugcogcoma ukuze ibulale iqembu lakhe ngokuzingela amalungu aqavile enhlangano yakhe.

UHolomisa washiya i-ANC ngaphansi kobuholi bukaNelson Mandela, wayosungula i-UDM nowayengumholi we-National Party uRoelf Meyer.

Utshele i-Scrolla. Africa ukuthi i-UDM ihlose ukubuyela kwipolitiki yase-KZN njengezwi futhi ibe namalungu esiShayamthetho.

“Amalungu ethu amaningi asilahlekela aya kuKhongolose okwasiphazamisa kakhulu. I-ANC ayidlali iyakwazi ukuheha abantu. Nami ngacelwa uNelson Mandela ukuba ngibuyele ku-ANC.”

“I-UDM yayinezinyanga eziyisithupha ngaleso sikhathi, kodwa ngenqaba. Ngeshwa amanye amalungu ethu ayebuthaka awela kuKhongolose. Yingakho sigcine singenamalungu esiShayamthetho sase-KZN.”

Ukugcogcoma kwethulwa ohlelweni lwezepolitiki yakuleli ngemuva kobandlululo ngo-2002.

Lo mthetho wachithwa ngo-2008 ngemuva kokuthi amaqembu aphikisayo ewuphonsele inselelo enkantolo.

I-UDM inqume ukuthi intsha ibe seqhulwini emkhankasweni wayo wokuwuvuselela e-KZN.

UHolomisa uzochitha isikhathi esiningi e-KZN nobuholi bakhe okubalwa uSihlalo kazwelonke uBongani Msomi, umgqugquzeli kazwelonke uNyaniso Mfihlo noNobhala-Jikelele uYongama Zigebe.

UHolomisa udalule ukuthi ukubulawa komholi wabo e-KZN uSfiso Nkabinde kwaba ukulahlekelwa okukhulu eqenjini.

UNkabinde uchazwe izitha zakhe kwezombusazwe njengo phakimpi e-Richmond eyayidume kakhulu ngeminyaka yango-1990 futhi wayelwa izimpi eziningi nabaholi be-ANC abafana noDkt Zweli Mkhize.

UHolomisa uthe iqembu lakhe lizogxila kakhulu ezindaweni zasemakhaya njengakwaNongoma naseMtubatuba.

Wenza ihlaya ngokuthatha kwakhe umhlalaphansi.

“Ngeke ngithathe umhlalaphansi ngesikhathi osopolitiki abafana noDkt Nkosazane Dlamini Zuma, uMengameli Cyril Ramaphosa noDkt Naledi Pandora besakhona kwezombusazwe. “

“Badala kunami labo. Pho kungani nifuna ngithathe umhlalaphansi ekubeni abadala kunami besakhona kwipolitiki,”

UHolomisa ubelokhu ethi ngeke athathe umhlalaphansi kuze kube lowo owayenguMengameli we-IFP uMntwana uMangosuthu Buthelezi uthatha umhlalaphansi.

Esithombeni esingenhla: UJenene Bantubonke Holomisa uthi i-ANC yacekela phansi iqembu lakhe e-KZN

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva