Linda Ximba
USiphelele Myeza wakuleli ushawe nguMat Windle ngomzuliswano ka-11 empini yokulwela ibhande le-Commonwealth light flyweight ebelingaphethwe muntu ngoMgqibelo ebusuku.
Lo mshayisibhakela odabuka KwaZulu-Natal ubhekane nomshayisibhakela wamaNgisi e-Premier Banqueting Suite, e-Burmantofts, e-Leeds e-England.
UMyeza (8-1-0; 0) obengakaze ehlulwe phambilini ufakwe ohlwini lwezintandokazi zezindawo ezihlukene futhi ukwazile ukuzibambela mathupha emizuliswaneni yeshumi yokuqala.
Kodwa lo mshayisibhakela ushayeke ngaphambi kokuthi kuyiwe emzuliswaneni ka-11 ngesikhathi uWindle oneminyaka engu-32 (7-4-1; 0) eshaya owakuleli wamqumba phansi kwesokudla.
UMyeza obekwe endaweni yesithupha kuleli ushaye into ecokeme, kodwa unompempe ubambe umdlalo ngomzuzu owodwa kwimizuzwana engu-42 uqalile.
“Silwe impi enhle, kodwa kuningi esikufundile. Sizoqala phansi sisizihlele,” kusho umphathi kaMyeza uMichael Sediane.
“Njengamanje sizogxila esicongweni sakuleli ngemuva kwalokho sibuyela emzileni wamazwe ngamazwe.”
UMyeza uthole lo mdlalo ngowayengumpetha we-SA bantamweight uVusi Malinga omataniswa nabagqugquzeli bezimpi zase-UK.