Abaphathi beqembu bayakwazi ukuwisa iqembu labo bengaboni kubhala uMenzi Magubane.
Ngemuva kokuba iChippa United inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa idlala neKaizer Chiefs ngoMgqibelo kwenzeke okungajwayelekile.
UMqondisi wezeMidlalo kuChiefs uKaizer Motaung Junior wenqabile ukuxhawula umqeqeshi weqembu lakhe u-Arthur Zwane.
Ubephoxekile njengoba iqembu lakhe lihluliwe futhi laphuthelwa ithuba lokuhamba phambili ku-log ye-DStv Premiership, kodwa ubani obengeke aphoxeke?
UMotaung Jr kufanele azi kangcono kunokwenza ngendlela enza ngayo.
Uyena owancenga abalandeli beqembu ukuthi bambekezelele uZwane ekuqaleni kwesizini njengoba esakha kabusha iqembu.
Kodwa enkundleni iMoses Mabhida ngemuva komdlalo wehlulekile ukwenza abekushumayeza abalandeli.
Kufanele azi ukuthi i-Rome ayakhiwanga ngosuku olulodwa futhi bekufanele akhombise ukumeseka uZwane nethimba lakhe labaqeqeshi ngesikhathi limdinga kakhulu.
Indlela aziphathe ngayo ishiye abantu bezibuza ukuthi kwenzakalani eqenjini.
Abaliqondayo ibhola kumele bazwelane noZwane.
Bayawubona umehluko phakathi kweqembu elahlulwa i-Mamelodi Sundowns ekuqaleni kanye neqembu elinyuke lisuka endaweni ka-14 lahlala endaweni yesihlanu ohlwini ngemuva kokunqoba imidlalo emithathu ilandelana.
UMotaung Jr kufanele ameseke ngokugcwele uZwane kungakhathalekile ukuthi ithini imiphumela.
Ukungamxhawuli kubonwe abalandeli namakhamera kamabonakude, uMotaung Jr kufanele azizwe enamahloni.
Abaholi beqembu bekumele bafihle ukuphoxeka kwabo futhi banikeze ukwesekwa okugcwele ethimbeni labaqeqeshi.
Esithombeni esingenhla ngesikaKaizer Motaung Junior no-Arthur Zwane
Umthombo wesithombe: @Goal