Uhluleke ezamile umshayisibhakela wakuleli

Africa Ka Mahamba

UBrandan Mashele wakuleli ubezama ukubuyisa isicoco somhlaba se-Kickboxing kodwa ukulimala ehlombe kwenze le mpi yaba intaba angakwazanga ukuyikhuphuka.

UMashele ulimale ngomzuliswano wesibili empini ebingoMgqibelo ebusuku ePitoli. Unompempe uzamile ukuwumisa umdlalo ngomzuliswano wesithathu, kodwa uMashele waqhubeka nokulwa noKevan Sala wase-France.

Akazange adikibale noma eselimele, kodwa wehlulwe kumzuliswano wesithupha ngamaphuzu.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa lo mshayisibhakela oneminyaka engu-23 ubudala wase-Soshanguve e-Tshwane uthe le mpi ibinzima kakhulu emsebenzini wakhe wesibhakela.

“Kudingeke ukuthi ngishintshele ku-orthodox emzuliswaneni wesithathu ukuze ngikwazi ukuqhubeka nempi. 

Ngizitshele ukuthi ngeke ngiyiyeke impi ngenxa yokulimala kwehlombe lami langakwesokunxele. Bengifuna ukunqoba isicoco somhlaba okwesithathu,” kusho lo mshayisibhakela.

“Bekungelula ukulwa ngilimele, kodwa ngikwazile ukuqhubeka uma nje sengiluleme ngizocela impinda ngoba ngiyazi ukuthi isicoco ngizosithola.”

UMashele uyena mshayisibhakela omncane kunabo bonke e-Afrika ukubamba isicoco somhlaba se-Kickboxing.

UMashele ubelwela ukubuyisa isicoco aphucwa sona ngonyaka ka-2020 ebhekene noYassim Moutacim wase-Belgium.

UBrandan oselwe izimpi ezikhokhelwayo ezingu-12 wanqoba eziyishumi wahlulwa kabili uwine isicoco se-World Amateur Kickboxing eneminyaka engu-16 e-Austrial ebhekene noSalli Saka ngo-2013, waphinde wawina isicoco sakhe sokuqala somhlaba esikhokhelwayo se-Kickboxing ngo-2016 ngemuva kokuhlula uMohammed Khaial Boulef wase-Belgium

Umqeqeshi ophinde abe nguyise uShihan Mashele uthe indodana yakhe izame konke okusemandleni ukuthi ibuyise isicoco ekhaya yize ilimele.

“Ukuhlikihla ihlombe ngomzuliswano wesibili kumshiye esesimweni esinzima kakhulu. Ngomzuliswano wesithathu unompempe uzamile ukuyimisa impi kodwa uBrandan wanqaba ngoba efuna ukuletha isicoco eMzansi.

“Uthole usizo lwezempilo ngemuva kwempi futhi uzoqala ukuzilolonga uma eseluleme ukuze afune umdlalo oyimpinda,” kusho uShihan.

Izihloko zakamuva