Uhlukumezile umphakathi waseNtuzuma ubona amathambo abantu emagcekeni awo

Celani Sikhakhane

Njengoba izikhukhula zicekele phansi izingxenye ezinkulu KwaZulu-Natal ngenyanga edlule amathuna amadala aseNtuzuma agumbeke kwaguguleka namathambo abantu.

Amanye amathambo atholakale  emagcekeni omhlali wendawo kanti amanye agugulwe amanzi angena emfuleni.

UMasipala weTheku uthi bakwazile ngempumelelo ukungcwaba kabusha amathambo kodwa amalungu omphakathi athi ukubona ugebhezi namathambo abantu ababathandayo bentanta emagcekeni abo kuzobahlupha unomphela.

Okhulumela iTheku uMsawakhe Mayisela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wonke amathuna abephazamisekile asebuyiselwe.

“Sesiwalungisile kanti emathuneni sekuvuliwe,” kusho uMayisela.

“Umphakathi usungakwazi ukubhukha ukuzongcwaba izithandwa zabo kuwo wonke amathuna okuhlanganisa namathuna aseNtuzuma. Lolu hlelo lamiswa okwesikhashana ngenxa yemvula enamandla.” Amalungu omphakathi athi asakhungathekile ngokubona amathambo abantu.

UMpume Gumede utshele i-Scrolla.Africa ukuthi namanje basaphazamisekile ngemuva kokuthi bekumele bacoshe amathambo abantu emgwaqeni bawabuyisele emathuneni.

“Esidlule kukho kusihlukumezile kakhulu. 

Inhlabathi yamathuna yakhukhuleka yangena emagcekeni ethu namathambo abantu. Thina singabantu base-Afrika esikholwa ukuthi asebeshonile kumele bahlale emathuneni abo. Ukubona amathambo enjena kusilimazile emqondweni,” kusho uGumede.

UThandazile Makhoba weGugu Dlamini foundation uthe bafisa uhulumeni asheshise ngokulungisa amathuna aseNtuzuma.

“Kubuhlungu ngoba abantu abanayo imizi futhi balala emahholo omphakathi nasemasontweni,” kusho uMakhoba.

“Njengoba bebhekene nalokho abanye bazama ukubhekana nobuhlungu bokutshelwa ukuthi amathuna emindeni yabo  agugulekile ngenxa yezikhukhula futhi amathambo abo agcwele yonke indawo okuhlanganisa nomfula wendawo.

UMakhoba oneminyaka engu-52 wasinda ezikhukhuleni zangoMandulo ngonyaka ka-1987 ezadala umonakalo kuwo la mathuna okwabonakala amabhokisi entanta emanzini. 

Izihloko zakamuva