Elmon Tshikhudo
Amanye amalungu omphakathi esigodini sase-Khubvi ngaphandle kwase-Thohoyandou azibambele mathupha umthetho ngokushaya umuntu okusolwa ukuthi uyisela. Isidumbu sowesilisa sitholwe ngokuhamba kwesikhathi sintanta edamini siboshwe izandla.
Manje abesilisa bazithola besenkingeni namalungu omphakathi agxeka izenzo zabo.
U-Abraham Nemakhavhani kusolwa ukuthi ubanjwe oqotsheni ngoLwesihlanu ebusuku entshontsha e-hardware lapho abesebenza khona.
UNemakhavhani ubanjwe ngonogada kwangenela nomphathathi abamshaye baze bamthela nge-acid esithweni sakhe sangasese.
Kwenzeka lokhu nje ilungu laleli qembu belithwebula ividiyo yesigameko esinyantisa igazi.
Ividiyo iveza owesilisa ecela usizo nokuxolelwa futhi esho namagama ivele yasabalala emphakathini.
Lesi sigameko sihlukanise phakathi umphakathi njengoba abanye bencoma ithimba eliqaphile ngokunqanda ubugebengu emphakathini kanti abanye bagxeka ubugebengu.
Amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu afunge agomela ukuthi azothatha izinyathelo uma amaphoyisa ehluleka ukubopha labo okukhulunywe ngabo kwividiyo.
Abanye abasolwa bashaywe kanzima amalungu omphakathi abethukuthele egane unwabu kanti kumanje bagcwele amathafa.
“Sonke silwisana nobugebengu kodwa akusiyo indlela le,” kusho isakhamuzi sakule ndawo esingathandanga ukudalulwa igama.
“Owesilisa ushaywe waze wathelwa nge-acid esikhundleni sokuthi babize amaphoyisa ukuthi ambophe. Kusiphathe kabi ukuthi lesi sigameko senzeke ngempelasonto kanti abasolwa bayaziwa. Kodwa amaphoyisa ahudula izinyawo awabophi kanti lokhu kusiphushela ukuthi sizibambele muntu.”
Udadewabo kamufi, uJaqueline Makhuvha, uthe noma umfowabo atholakala entshontsha kwakufanele babize amaphoyisa.
“Bakhethe ukumjezisa ngendlela enesihluku bagcina ngokumbulala balahla nomzimba wakhe,” kusho uJaqueline.
Amaphoyisa ase-Thohoyandou akuqinisekisile ukuthi kutholwe isidumbu sinenxeba ekhanda kanti kuphenywa icala lokubulala.
Akekho osaboshiwe.