Uhlu lwabaqokwe esigabeni esisha samaGrammy

Ama-Grammy Awards ka-2024 azoqopha umlando ngokwethulwa komkhakha we-Best African Music Performance ohlonipha ukukhula okuphawulekayo kwalolu hlobo lomkhakha emhlabeni.

Abahlanu abaqokiwe – abane kubo badabuka e-Nigeria – futhi bayingxube yamathalente asafufusa kanye nezihlabani ezidumile.

UTyla, oyiciko laseNingizimu Afrika wenze ezibukwayo ngengoma yakhe ethi “Water”, okuyingoma eshisa izikhotha.

Umsindo wakhe ohlukile “i-popiano” ohlanganisa i-apiano ne-pop, umenze wahluka emkhakheni wezomculo futhi i-albhamu yakhe yokuqala ibe yimpumelelo emangalisayo.

U-Ayra Starr, umculi wase-Nigeria owazalelwa e-Beninese uqokwe ngengoma yakhe ethi “Rush” ephuma ku-albhamu yakhe yokuqala ethi-19 & Dangerous futhi usezuze ukuhlonishwa emhlabeni jikelele. Ingoma yakhe ayigcinanga ngokudlulela ku-TikTok kodwa iphinde yavela ohlwini lwezingoma lwaminyaka yonke lukaBarack Obama.

Njengoba isibukwe ngabantu abangaphezulu kwezigidi ezingu-300 ku-Spotify kanye naku-YouTube okucishe kube izigidi ezingu-300, uyisihlabani esikhulayo ku-Afropop.

U-Ahmed Ololade wase-Nigeria owaziwa ngelika-Asake, uqokelwe ingoma yakhe ethi “Amapiano”. I-albhamu yakhe ethi Mr. Money with the Vibe yanyakazisa amashadi e-Billboard.

UDavido, odume kakhulu emkhakheni we-Afrobeats, uqokelwe ingoma yakhe ethi “Unavailable”.

I-albhamu yakhe ethi-Timeless ibe yimpumelelo enkulu. Njengoba aziwa ngamaculo akhe ahehayo nomculo ophilayo, umculi wase-Nigeria ozinze eMelika, nongumbhali wamaculo kanye nomdidiyeli womculo uthathwa  njengomunye wabaculi be-Afrobeats ababaluleke kakhulu esikhathini sanamuhla futhi ungukhiye ekuletheni umculo wase-Afrika kubabukeli bomhlaba wonke.

UBurna Boy obizwa”ngeKing of Afrofusion” nosewine i-Grammy, uqokwe emikhakheni eminingi, okuhlanganisa neBest African Music Performance. I-albhamu yomculi wase-Nigeria, i-Twice as Tall neminye imisebenzi ithole ukunconywa emhlabeni wonke.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UTyla. 

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva