Lubhalwe nguSihle Mavuso
Umholi we-MK ePhalamende, uMnuz John Hlophe ubuze ukuthi kungani abanye abantu bekholelwa ukuthi uma umhlaba waseNingizimu Afrika ubuyiselwa kubanikazi bawo irandi laseNingizimu Afrika lizowa.
UHlophe owake waba nguMengameli wamajaji e-Western Cape High Division owaxoshwa, okwamenza walahlekelwa isikhundla sakhe sokuba yijaji kanye nezinzuzo zokuphila kwakhe konke, uthe akulona iqiniso ukuthi intela yezindlu izokwehla uma umhlaba ubuyiselwa kubanikazi.
Ubeyisikhulumi esimenyiwe ngoMgqibelo emcimbini wokwethulwa kwe-African Legal Professionals Association eThekwini kanti usebenzise leli thuba ukukhuluma ngodaba lomhlaba.
UHlophe uthe indawo yase-England ngeyeNdlovukazi, futhi wonke umuntu unesivumelwano sokuqashisa seminyaka engu-99 waveza nokuthi ama-Britain anemali enamandla njenge-pound.
“Ngakho-ke le nkulumo oyizwa kulo gogo omdala omhlophe ongeke adalulwe igama lakhe, ukuthi uma thina singama-Afrika sithatha umhlaba wethu owathathwa ngenkani, irandi lizowa. Kungani i-pound lingawi e-England?” kubuza uHlophe.
Njengoba kungekho lutho olungalungile ngohlelo lwamaNgisi mayelana nempahla, kungani-ke kungenzeki eNingizimu Afrika, ngokusho kukaHlophe.
“Kufanele sikhulune iqiniso. Indawo yase-England ngeyeNdlovukazi, akukho okubi ngalokho, kodwa umhlaba wama-Afrika owathathwa ngesibhamu awusoze wabuyela kubanikazi bawo ngoba impahla (izakhiwo nomhlaba) izokwehla. Hambani niyotshela izinyoni lokho, hhayi uHlophe,” kusho yena.
Enkulumeni yakhe uHlophe ukugcizelele ukuthi umthetho waseNingizimu Afrika kumele ufake abantu base-Africa ukuze unakekele ngokugcwele abantu bakuleli.
Uthe abanye abantu base-Afrika abathandi ukuya ezinkantolo ukuze balungiselwe udaba ngoba bahlezi bazi ukuthi bazohlulwa.
“Umthetho ungowangaphandle futhi kukhona iBhunu eliphethe icala elingawazi namasiko akho. Ukwenza isibonelo, singabantu abamnyama futhi abesifazane akufanele babheke owesilisa emehlweni.”
Osesithombeni esingenhla: OwayenguMengameli wamajaji eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape Division uJohn Hlophe.
Umthombo: USihle Mavuso