
Sizwe Sibiya
Ngemuva konyaka onezinxushunxushu usomabhizinisi ophinde abe umphathi weqembu lebhola i-Royal AM uShauwn Mkhize uhlonishwe ngendondo ye-Favourite Personality kuma-DStv Mzansi Viewers’ Choice Awards (MVCA).
Lo somabhizinisi owaziwa kakhulu ngelikaMaMkhize ubeqokwe nophrojusa ongumlingisi wodumo uCornie Ferguson nesihlabani somculo uMakhadzi.
UMaMkhize waduma ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwesehlukaniso sakhe noSbu Mpisane onguyise wendodana yakhe engumculi ephinde ibe uSihlalo we-Royal AM u-Andile Mpisane. Isehlukaniso sabo sasakazwa ngonyaka ka-2018 abezindaba.
Kusukela lapho uMaMkhize nendodana yakhe u-Andile bangomunye wemindeni okukhulunywa ngayo kakhulu njengoba lo mndeni usanda kwenza ezibukwayo ngesikhathi ukomelisa abadlali be-Royal AM imali enkulu enkundleni ngemuva kokuwina umdlalo nyakenye.
UMamkhize uyaziwa nangohlelo lwakhe olukumabonakude olugcwele ubukhazikhazi bempilo yakhe olubizwa ngokuthi iKwaMam’Mkhize kanti lo mdlalo ubudlala amasonto wonke esiteshini esiku-Mzansi Magic DStv, kodwa waphela ngemuva kwesizini eyodwa ngo-2020.
Khonamanjalo indodana yakhe u-Andile isanda kusayina nenkampani yokuqopha i-Def Jam Africa, kanti kulo nyaka u-Andile uvulele abaculi bodumo uRick Ross, uJeezy, uGucci Mane, u2 Chainz noFabolous kwi-Legendz of the Streetz Tour e-Detroit, eMelika ngoNhlolanja.
Umthombo wesithombe: @Shauwn Mpisane