Arthur Greene
Izitaladi ezingenamuntu zase-Llandudno, idolobhana lase-Wales, e-UK zigcwele amazinyane ezimbuzi zasendle. Lokhu kuza ngemuva kokumiswa kohlelo lwaminyaka yonke olulawula ukuzala kwezilwane, ngenxa yobhubhane lwe-coronavirus.
Izimbuzi zase-Kashmiri ezivela e-Great Orme headland e-Wales zithathe imigwaqo engenamuntu yase-Llandudno njengoba inani lazo liqhubeka nokudlondlobala.
Izimbuzi zase-Kashmiri zidume kakhulu ngomvalelo wokuqala ngonyaka owedlule lapho amavidiyo ezilwane ezizulazula edolobheni esakazeka.
USally Piddock, umphathi wepaki yezwe i-Great Orme utshele i-The Guardian kuleli sonto ukuthi ezinye zezimbuzi ezinesibindi ziya edolobheni ziyofuna imfudumalo nokudla.
Kodwa kunokukhathazeka okukhulayo ukuthi njengoba umvalelo uzothambiswa, ukuhamba kwezimoto eziningi kuzoqala, kubeka impilo yezimbuzi engcupheni.
UPiddock uthe: “Basizithembe kakhulu ngoba bambalwa abantu abebekhona ngesikhathi somvalelo. Sicela abashayeli bezimoto ukuthi baziqaphe ngeso lokhozi.”
ULouis Emery, omele indawo yase-Great Orme e-Llandudno eMkhandlwini wase-Conwy, utshele i-BBC Wales ukuthi bekukhathaza kakhulu ebusuku, ngoba izimbuzi zivame ukuzulazula kakhulu ebusuku nemigwaqo ibithule kakhulu.
“Abashayeli bangathi beqhamuka ekhoneni babhekane nezimbuzi eziyisishiyagalombili noma eziyisishiyagalolunye emgwaqeni.”
UPiddock uthe ngenkathi umvalelo uthanjiswa umkhankaso wokunikeza izimbuzi zomzanyana imijovo yokuvikela ukukhulelwa kuzoqala kabusha, futhi ngethemba lokuthi, isimo sezulu esifudumele sasehlobo sizonxenxa izimbuzi zesilisa ukuba zisuke emigwaqweni ziye emakhaya.
Umthombo wesithombe: @quietworld_book
Umthombo wevidiyo: @DrRimmer