Uhlelo olusha lwase-Nigeria lwesithembu kumabonakude

Usopolitiki wase-Nigeria oyisiqumama kulindeleke ukuthi aqale uhlelo lwakhe kumabonakude lapho ezobe “ecinga” khona amakhosikazi amathathu azoshada nawo. 

Uhlelo luka-Anthony Tosan Prest luzobizwa ngokuthi “i-Billionaire’s Wives Search”.

Lolu hlelo ulichaza njengombukiso wokuqala woqobo “wokucinga amakhosikazi” e-Nigeria.

Labo abafuna ukungenela kulo mbukiso kumele babe phakathi kweminyaka eyi-18 kuya kwengama-70 futhi kumele “bafune uthando, injabulo kanye nomshado”.

Okunye okudingekayo ukuthi abafake izicelo kumele bakholelwe esithenjini futhi babe ngabase-Afrika – okusho ukuthi abesifazane baseNingizimu Afrika bangazifaka izicelo.

Ngokusho kwe-handle ya-Instagram kaPrest, isizini yokuqala yalolu hlelo sizombona “ecinga amakhosikazi amathathu azoshada nawo ngokwesintu”.

Uveze ukuthi, ozothatha umhlanganiso kusizini yokuqala yalo mbukiso uzothola “umyeni nobaba onothando ezinganeni zakho kanye nezimoto ezintsha sha,” nokunye okuningi.

Okunye okuyinzuzo “ukuhlala phesheya kwezilwandle, ukuvakashela izindawo ezahlukahlukene kanye nokuya eholidini kane ngonyaka.”

Ubani ongeke akwenze lokhu?

UPerst wayeqokelwe isikhundla sokuphatha e-Delta State, kodwa kungenzeka adinge ukuthi ashintshe igama lakhe abe nguPest uma izethembiso zakhe zingaphumeleli.

Abantu base-Nigeria baziwa ngezinhlelo zabo zoqobo ezivela kumabonakude.

Ngowe-2017 basingatha uhlelo lukamabonakude olwalubizwa ngokuthi “Oyinbo Wives of Lagos” olwalunabesifazane abamnyama abashade nabesilisa abamhlophe bekhuluma ngezilingo kanye nosizi lwabo. E-Nigeria igama elithi-Oyinbo lisho ukuthi umlungu. 

Umthombo wesithombe: @TheCable

Izihloko zakamuva