UMengameli wase-France u-Emmanuel Macron lokhu ukubize ngokuthi “uguquko oluncane ekunakekelweni kwezempilo okuvikelayo.”
Isinyathelo sokuhlinzeka ngejazi lomkhwenyana mahhala kubantu abaneminyaka engaphansi kwengu-26 siza njengomzamo wokunqanda ukusabalala kwezifo ezithathelwana ngocansi (STD) entsheni esikhulile e-France.
Kusukela ngosuku lukaNcibijane, amajazi omkhwenyana amahhala asenziwe anikezwa intsha ephakathi kweminyaka engu-18 nengu-26. Abantu abadala abaneminyaka engaphezu kuka-26 nabo ngeke bezizwe beshiywe ngaphandle ngoba bangabuyiselwa imali yokuthenga ijazi lomkhwenyana uma benencwadi kadokotela.
Abesifazane abashiywanga ngaphandle ohlelweni olusha lwezempilo njengoba amaphilisi okuvimbela inzalo ezotholakala ngaphandle kwencwadi kadokotela.
Abesifazane ezweni bathola imvume yokuthola amaphilisi okuvimbela inzalo mahhala kusukela mhla zizinye kuMasingana nyakenye okuhlanganisa nokubonana nodokotela kanye nanoma yiziphi izinqubo zokwelashwa ezixhumene nendlela yokuvimbela inzalo abayikhethile.
“Uguquko” luza njengoba ukusabalala kwezifo ezithathelwana ngocansi e-France kukhuphuke ngo-30% ngo-2020 nango-2021, kubika i-Reuters.
“Kuwuguquko oluncane ekunakekelweni kwezempilo okuvikelayo. Kubalulekile ukuthi abantu abasha bethu bazivikele ngesikhathi benza ucansi,” kusho uMacron ngoZibandlela.
UMacron uvumile ukuthi uhlelo lwezemfundo kuleli alwenzi okwanele ukufundisa izingane ngobungozi bocansi olungavikelekile.
“Iqiniso likude kakhulu nethiyori. Kumele siqeqeshe othisha bethu kangcono kule ndawo siphinde sibaqwashise futhi,” esho.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: Ijazi lomkhwenyana labesilisa
Umthombo wesithombe: Health Central