Dylan Bettencourt
UKhomishana wamaPhoyisa e-Botswana uDinah Marathe uthe noma ngubani ongayiphathi kahle imali yakhe uzoxoshwa emsebenzini.
UMarathe ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa uhlelo olusha lwezenhlalakahle okuhloswe ngalo ukuthuthukisa impilo yamaphoyisa nonogada basemajele.
UMarathe ungene esikhundleni sokuba uKhomishana ngoMbasa nyakanye wabeka izindaba zezenhlalakahle phakathi kwamaphoyisa zaba into ehamba phambili kuye.
“Lolu hlelo luzohlinzeka ngokulondoloza umshwalense, ukubolekwa imali, ukubolekwa izindlu, nemali mhlawumbe uma ufisa ukuqala ibhizinisi kanye nokukhuthaza isiko lokonga nokwenza kube lula ukuthi izikhulu zikhokhe umshwalense omncane ngesikweletu se-group life cover,” kusho uMarathe.
“Kuzophinde kuthuthukise ukuvumeleka kwezikhulu ukuthi ziboleke imali, kube lula ukufinyelela kwazo ekubolekeni imali enenzalo ephansi kuphinde kulethe inkululeko yezezimali futhi ngaleyo ndlela izokwanda.”
Lolu hlelo luvumela amaphoyisa ukuthi akwazi ukuphatha kahle imali ayiholayo kanti futhi noMarathe unethemba lokuthi kuzovimba ukuthi amaphoyisa angabi namali.
UMarathe uthe ubugebengu be-inthanethi sekudale inkinga enkulu emajele abo futhi sebesungule izixazululo kule nkinga.
Ukhulume ngokushushumbiswa kwezidakamizwa nomakhalekhukhwini ngabantu bangaphandle ethi babeka izimpilo zabo engcupheni.
“Nokho kufanele ngibaxwayise ngokusondela endaweni evikelekile njengejele njengoba befike benze okungavumelekile futhi kumele bazi ukuthi babeka izimpilo zabo engcupheni,” kusho uKhomishana.
“Ngeke sazi noma ufuna ukusiza iziboshwa ukuthi zeqe futhi uma sinezinsolo zokuthi ufuna ukwenza lokho kuzosiphoqa ukuthi sisebenzise ingalo yomthetho kuwe,” kuxwayisa uMarathe.
Umthombo wesithombe: @BotswanaYouthMagazine