Menzi Magubane
I-Orlando Pirates ishaywe ngamagoli amathathu eqandeni egcekeni layo yi-Mamelodi Sundowns kodwa umdlali wasesiswini we-Bucs uSiphesihle Ndlovu ukwazile ukugcina ikhanda lakhe liphezulu.
Ukholelwa ekutheni bazobuyela ezindleleni zabo zokuwina uma sebebhekene ne-Black Leopards ngoLwesithathu e-Orlando Stadium ngo-5 ntambama. “Kuyadumaza ukuhlulwa ngumdlalo ngendlela esenze ngayo,” kusho uNdlovu.
“Kodwa kuyilokhu okuyikho futhi sidinga ukubuyela emuva ngokushesha okukhulu futhi sikhohlwe ngokunqotshwa.”
Lokhu kube ukuhlulwa kokuqala kwe-Pirates ekhaya kule sizini.
Umqeqeshi we-Pirates uJosef Zinnbauer uthe abadlali bakhe banikele ngakho konke okusemandleni abo.
“Ngeke ngithi iqembu lami lidlale umdlalo omubi. Sidlale umdlalo omuhle impela,” kusho uZinnbauer.
Uthe uhlu lwabo olude lwabadlali abalimele nohlelo lokuhamba ngokujeziswa lisho ukuthi abadlali abakaze baphumule. “Asinaso isikwati esikhulu okwamanje. Kuhlale kungabadlali abafanayo enkundleni,” esho.
I-Downs ibuyele esicongweni se-DStv Premiership ngemuva kokuthi Usuthu lube esicongweni usuku olulodwa ngemuva kokuthi lunqobe i-Golden Arrows ngoMgqibelo.
Khonamanjalo umqeqeshi we-Sundowns uManqoba Mngqithi akazange ajatshuliswe yisimo sabanye babadlali bakhe.
“Uma siwina kumele sinqobe ngokuzithoba,” esho.
Uthe uma ushaya elinye iqembu awukwazi ukuliphoxa ulenze libukeke njengelingazi lutho. “Lokho kuyizimpawu zokuzikhukhumeza. Ngokwami angibathandi abantu abazikhukhumezayo,” esho.
I-Sundowns izokwamukela i-Maritzburg United ngoLwesithathu e-Loftus Stadium ngo-3 ntambama.
Umthombo wesithombe: @kickoff