Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
I-Loxion Mobile Library yethule uhlelo oluyingqayizivele lwemiphakathi engenazo izinsiza.
Lolu hlelo lwezincwadi zezingane uhambisa izincwadi ezinganeni ngamabhayisikili ezindaweni ezahlukene.
“Umshini wezincwadi uya ezinkundleni zezemidlalo ngisho nasemakhaya ezingane,” kusho uLitha Sam-Sam ongumsunguli kanye nomqondisi we-Loxion Mobile Library.
Umtapo wolwazi wasungulwa ngo-2020 ngesikhathi uSam-Sam esebenza njengomsizi kathisha e-Life Matters Foundation.
Uthe lo mbono waqhamuka ngencwadi ayayibolekwe ku-Life Matters Foundation Centre.
“Ngavakashela izinkulisa nasezinkundleni zezemidlalo ngichitha ihora elilodwa ngenza izifundo zokufunda. Inhloso ukuthuthukisa isilulumagama nokuthuthukiswa kolimi,” esho.
Umgomo ohamba phambili kaSam-Sam ukwethula nokuhlakulela isiko lokufunda kule miphakathi.
I-Loxion Mobile Library isebenzisana nezikole ezinhlanu zasendaweni ezizungeze i-Vrygrond, eKapa futhi ihlinzeka ngezimfundo zesonto elilodwa zokufunda, ukubhala kanye nokuqeqeshwa kothisha.
Owaqala lolu hlelo yedwa uSam-Sam uyaziqhenya ngokuqasha abantu abasha abangu-15.
Indlela yezokuthutha yomtapo wolwazi ipheya lamabhayisikili abawasebenzisela ukuya ezikoleni ezahlukene zenkulisa, izinkundla zezemidlalo kanye nasemigwaqweni ukuze bafundise abantu.
Njengamanje umtapo wolwazi usiza inani lezingane ezingu-241 nyanga zonke kanti izingane zasenkulisa ezingu-150 ezivela ezikoleni ezinhlanu ezahlukene zivakashelwa kanye ngesonto.
“Sifuna ukukhulisa intshisekelo yezingane ezincwadini ngokuzinika ithuba lokuthola izincwadi ezifuna ukuzifunda. Sigxile
ekuthuthukiseni nasekuhlinzekeni ukufinyelela kalula ezincwadini nasekufundeni. Esigxile kukho kakhulu ukwenza kube lula ukufunda ngokungafani nanoma yimiphi eminye imiphakathi yethu.”
Umthelela we-Loxion Mobile Library uyabonakala emphakathini.
Ilungu lomphakathi uLuvuyo Nakani uzwakalise ukuwuthakasela lo msebenzi.
“Izingane zethu zinenhlanhla yokuba khona kwezinhlelo ezifana nalezi, asikaze siwathole la mathuba esikhathini sethu ngakho ngiyajabula ukuthi zizofunda izinto eziningi ngalo msebenzi,” kusho uNakani.
Esithombeni esingenhla: Umsebenzi onomthelela omuhle we-Loxion Mobile Library emiphakathini engenazo izinsiza wenze umehluko obonakalayo ezimpilweni zezingane.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe