Uhlelo lokuvalwa “kwezikole” ngenxa yesibalo esincane sabafundi e-EC

Zingaphezu kwenkulungwane izikole e-Eastern Cape okuthiwa zizovalwa unomphela ngenxa yesibalo esiphansi sabafundi.

Iningi lezikole yizikole zamabanga aphansi ezisezindaweni zasemakhaya esifundazweni. 

Ukuvalwa kwalezi zikole kuyingxenye yohlelo okuhloswe ngalo ukwenza ngcono ukwabiwa kwezinsiza ezikoleni zikahulumeni. 

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Eastern Cape, uFundile Gade, ubethula izinhlelo zakhe njengoba ezoqala ihlandla lakhe lesibili kuhulumeni wesikhombisa.

Uthe uhlelo lokubonisana nezikole nemiphakathi ethintekayo seluqalile.

“Ukuze sibe nohlelo lokufunda olusebenzayo kumele sehlise isibalo sezikole ezincane ezingakwazi ukusebenza e-Eastern Cape ukuze sithole u-100% wezinga lokuphasa esihlose ukulithola,” kusho uGade.

Uthe umnyango uhlose ukuthi umatikuletsheni uphase ngo-85% kulo nyaka ka-2024, futhi ukuze ufeze lokhu umnyango uzobhekisisa kakhulu abafundi bakamatikuletsheni abadonsa kanzima ezifundweni.

“Okungikhathaza kakhulu ukuqhubekela phambili kwalaba bafundi abangaphasi ngendlela; cishe abangu-10 000 kubo esifundazweni abakaze baphase nhlobo. Bahlezi bedluliselwa phambili,” kusho uGade.

UGade uthe izinkinga zokuthutha abafundi sezixazululiwe. Ukuqala konyaka wokuvulwa kwezikole kuphazanyiswe ukungakhokhi ngasekuqaleni konyaka nokuholele ekutheni izinkulungwane zabafundi esifundazweni zingakwazi ukuya esikoleni. 

Lubhalwe nguMbhali we-Staff

Esithombeni ngenhla: Isikole zase-Eastern Cape 

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva