Lubhalwe nguMasoka Dube
UDkt Sthembiso Mthembu nguyena ohola icala elibhekene noMnyango wezeMpilo lokuthi unxephezele abesifazane ngokubaphoqa ukuthi bavale inzalo.
UMthembu ongumsunguli wenhlangano elwela amalungelo abantu i-Her Rights Initiative (HRI) naye oyisisulu sokuvalelwa inzalo ngenkani, uthe inhlangano yakhe isebenza ngokubambisana ne-Women’s Legal Centre (WLC).
NgoLwesine, lezi zinhlangano zisungule uhlelo oluhlose ukwakha inkundla yokuthi abesifazane abakhishwa izibeletho ngenkani ngesikhathi belashelwa igciwane lengculazi bamangalele umnyango.
Ngesikhathi igciwane lengculazi lisezingeni eliphezulu ngasekupheleni kwango-1990 kuya ekuqaleni kwango-2000, abesifazane abaningi ababethelelekile baphoqeleka ukuthi bavalwe inzalo ngaphandle kwemvume yabo.
Nakuba ukuvala inzalo ngenkani kungekho emthethweni kuleli, ngaleso sikhathi odokotela babekhipha izibeletho zabesifazane ababetheleleke ngegciwane lengculazi ngaphandle kwesixwayiso noma imvume.
“Senza ucwaningo lwezomthetho ukumela, ukubamba iqhaza kwabahlukunyezwayo kanye nezinhlelo zokweseka izisulu ukuze silwele ukwesekwa nokufuna ubulungiswa kwabesifazane abaphoqwa ukuthi bavalwe inzalo,” esho.
I-HRI imele abesifazane abangu-85 abavela KwaZulu-Natal naseGoli.
I-Sexual Rights Initiative Geneva kanye ne-ProBono.Org South Africa babambisene ne-HRI.
UMthembu uthe enye yezinhloso zalolu hlelo olwethuliwe ukwandisa ukuqonda ngemithelela yokuvala inzalo ngenkani kanye nomphumela wokungazali ezimpilweni zabahlukumezekile.
Kulinganiselwa ukuthi izinkulungwane zabesifazane abanegciwane lengculazi baye bavalwa inzalo ngenkani.
Impi yokuphoqa uhulumeni ukuthi anxephezele izisulu yaqala ngo-2015 ngesikhathi i-HRI kanye ne-WLC befaka isikhalazo kuKhomishini yokuLingana ngoBulili (CGE) egameni labesifazane abangu-48.
Incwadi okwabelwanwe ngayo ne-Scrolla.Africa ikhombisa ukuthi uphenyo lwe-CGE luthole ukuthi idlanzana labesifazane abanegciwane lengculazi baphoqwa ukuvala inzalo.
“Le miphumela ikhomba ukuthi uhulumeni wakuleli wephula amalungelo abesifazane abangu-26,” kusho le ncwadi.
“Ezinye zezenzo zokwephulwa komthetho zihlanganisa ukuthi abesifazane abanegciwane lengculazi babephathwa ngonya, behlukunyezwa, bephathwa ngendlela engenabuntu neyehlisa isithunzi.”
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke uFoster Mohale akazange ayiphendule imibuzo athunyelelwe yona ngesonto eledlule.
Esithombeni esingenhla: UDkt Sthembiso Mthembu
Umthombo wesithombe:@City Press