Uhlelo lokukhuculula idolobha laseTshwane luvundulele amabhilidi asebenza ngokungemthetho 

Lubhalwe nguZukile Majova

Ukukhucululwa okukhulu kwemigwaqo namabhilidi eDolobheni lase-Tshwane kuholele ekutheni kutholakale amabhizinisi ayishumi okucwala izinwele esebenza ngokungemthetho esakhiweni asenzelwe ukuhlalisa abantu kuphela.

IMeya yedolobha lase-Tshwane uDkt Nasipho Moya we-ActionSA uhola umkhankaso wokuqeda nya amabhizinisi angekho emthethweni enhlokodolobha.

“Siqale ukuhlola ibhilidi elizimele elenzelwe ukuhlalisa abantu. Kunalokho sithole izindawo zokucwala izinwele ezingaphezu kweshumi ezisebenza ngaphakathi kulendawo. Ngaphezu kwalokho, isakhiwo sigugile futhi asikulungele ukuhlala abantu. Siyigxeka kakhulu into eyenziwa kulendawo.”

Ngaphakathi ebhilidini amaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane aphinde athola isikhungo sokuqeqesha kwezobuhle esisebenza ngaphandle kwelayisensi.

“Lesi sikhungo senza izifundo ngokungemthetho futhi sisiza abantu abanciphisa isisu kanye ne-microblading. Siyabaxwayisa abahlali ukuthi bangasebenzisi izinsiza ezingahlelekile nezingaqondakali,” kusho iMeya uMoya.

Leli dolobha libambene ngezihluthu noMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi ophethe amabhilidi asePitoli asetshenziswa yizigebengu.

Kwesinye isigameko idolobha lakhipha isaziso eMnyangweni wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda ngonyaka odlule ngemuva kokutholakala kwezidumbu ngaphakathi kwebhilidi labo.

Ngemva konyaka lesi sakhiwo sasingasasetshenziswa futhi singanakekelwa.

Ngokuhamba kweminyaka, iDolobha lase-Tshwane nalo liye lashiya dengwane futhi langazinaki izakhiwo zalo, ezinye zazo okuyizakhiwo ezinomlando phambilini ezazisetshenziswa ukuheha abavakashi enkabeni yedolobha.

“Sizophinde sivakashele la mabhilidi ngohlelo lokuwasebenzisa kungabe izindlu noma ezokuvakasha. Ingxenye yezakhiwo eziseduze ne-Church Square ingesinye sezibonelo zamabhilidi amaningi okufanele siwavuse futhi siwavuselele,” kusho uDkt Moya.

Sekuphele izinyanga ezintathu i-ActionSA yathatha izintambo zobumeya enhlokodolobha kulandela ukususwa esikhundleni kwalowo owayeyiMeya ye-DA uCilliers Brink ngoMandulo odlule.

Esithombeni: IMeya yase-Tshwane uDkt Nasiphi Moya ihola imizamo yokubuyisela inhlokodolobha

Umthombo: X

Izihloko zakamuva