Uhleli ngesinqa esisodwa uPitso eSaudi Arabia 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Owayengumqeqeshi weSuperSport United naMaZulu uCavin Johnson uqinisekile ukuthi uPitso Mosimane uzophumelela uma engathatha omunye umsebenzi eNyakatho ye-Afrika.

UMosimane ubukeka engahlalisekile kahle e-Saudi Arabia njengoba kubikwa ukuthi abaphathi bakhe be-Al Ahli bafuna ukuthi umqeqeshi wase-Romania uRazvan Lucescu athathe izintambo kumqeqeshi wakuleli.

Lokhu kwenzeka naphezu kokuthi uMosimane esize i-Al Ahli ukuthi ibuyele kwi-Saudi Pro League kusasele imidlalo emine ngemuva kokuba kwi-Duvision 1 kule sizini.

Iqembu elizinze e-Jeddah liphinde lagcotshwa njengompetha be-Division 1 njengoba lisasalelwe umdlalo owodwa.

Kodwa ngesikhathi ebhekene nekusasa elingaqinisekile kwi-Al Ahli uMosimane umataniswa kakhulu namaqembu aseNyakatho ye-Afrika, i-Raja Casablanca kanye ne-Esperance ikakhulukazi ngemuva kokuphuthwa isicoco se-CAF Champions League.

UJohnson osebenze noMosimane kwi-Al Ahly yase-Egypt ukholelwa ekutheni lowo owayengumphathi wakhe angaphumelela eNyakatho ye-Afrika.

“Ngike ngazizwa ezinye zalezi zindaba kodwa angikaze ngibe namaqiniso,” kusho uJohnson etshela i-Scrolla.Africa.

“Anginalo igunya lokumkhuthaza ukuthi abuyele e-Nyakatho ye-Afrika ngoba lokho kulele kuyena. Ngenhlonipho yonke enginayo kuye leso isinqumo okufanele sithathwe nguye.

“Angase adlondlobale e-Tunisia noma e-Morocco ngoba uyawazi umdlalo webhola laphayana. Ngakho, yebo angaphumelela ngaphandle kokungabaza.”

UJohnson ubeyiphini likaMosimane kwi-Al Ahly ngesikhathi lo mqeqeshi owake waqeqesha iMamelodi Sundowns ewina izicoco ezimbili ze-Champions League, neziningi ze-CAF Super Cups waphinde wabahola ngesikhathi bethola izindondo ezimbili zethusi kwi-Fifa Club World Cup.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto uMosimane ushiye inkomba yokuthi isikhathi sakhe e-Saudi Arabia siphelile nokuthi manje “ulindele iphrojekthi elandelayo.”

Esithombeni esingenhla: UPitso Mosimane

Umthombo wesithombe: Al Ahli

Izihloko zakamuva