Lubhalwe nguLungani Zungu
IMeya ye-DA eGoli uMpho Phalatse uzoqhubeka nokuhlala esihlalweni.
Impi yokuphatha idolobha laseGoli igcine ivuna yena ngemuva kokuhoxiswa kwezicelo ezimbili zokungabuthembi ubuholi bakhe ngoLwesine.
Kodwa-ke amaqembu amancane okuhlanganisa ne-ANC afunge agomela ukuthi azosibuyisela lesi siphakamiso ngoMasingana ngonyaka ozayo uma umkhandlu usuqhubeka nomsebenzi wawo.
Iziphakamiso zethulwe i-African Transformation Movement (ATM) kanye ne-African Independent Congress (AIC).
UPhalatse obejabule utshele abezindaba ukuthi amaqembu amancane awanawo amandla okumsusa ngaphandle kokwesekwa i-EFF.
“Kuyacaca ukuthi abanawo amandla ikakhulukazi ngaphandle kwe-EFF. Ngeke bavumelane njengoba bengavumanga kuMasipala wase-Ekurhuleni. Sibonga kakhulu ukuthi kuhambe kahle,” kusho uPhalatse.
I-EFF yalaxaza i-ANC Ekurhuleni ngemuva kokuthi ikhansela le-ANC ngaleso sikhathi owayengumholi wesifunda uMzwandile Masina elahla kabili amabharethi abomvu enqaba ukweseka umholi weqembu esifundeni uNkululeko Dunga esikhundleni sobuMeya.
Esikhundleni salokho uMasina osule njengekhansela ngoLwesine waphakamisa igama likaJongizizwe Dlabathi we-ANC.
Lokhu kwacasula i-EFF nobuholi be-ANC esifundazweni obuholwa nguPanyaza Lesufi.
Ukubhidlika kobudlelwano phakathi kwe-ANC ne-EFF kusize uTania Campbell we-DA ukuthi aqokwe kabusha njengeMeya e-Ekurhuleni ngemuva kokususwa ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
UDada Morero owayeyiMeya ye-ANC eGoli uthe amaqembu amancane azoletha esinye isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaPhalatse ngonyaka ozayo ngoMasingana.
UMotoro uvumile ukuthi lezi ziphakamiso ezimbili zihoxisiwe ngenxa yezingxoxo eziqhubekayo phakathi kobuholi be-ANC esifundazweni sase-Gauteng kanye nobuholi bukazwelonke be-EFF.
UMotoro uqokwe njengeMeya yaseGoli ngesikhathi kuvotelwa uPhalatse ngoMandulo.
Kodwa-ke usebenze izinsuku ezingu-25 kuphela njengeMeya ngemuva kokuthi iNkantolo ithe ukususwa kukaPhalatse kwakungekho emthethweni.
Ngemuva kwalesi sinqumo ngoMfumfu, uPhalatse wabuyela esikhundleni sakhe.
Manje uselwela ukuthi ahlale kuyoze kufike ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2026.
Ingabe uyosinda kuze kube ileso sikhathi?
Osesithombeni esingenhla nguMpho Phalatse
Umthombo wesithombe: @SowetanLive