
Dylan Bettencourt
Abasubathi abambalwa besifazane babaleke e-Afghanistan ngemuva kokuthi i-Taliban iphinde yathola amandla kuleliyazwe kodwa kumdlali we-basketball uNilofar Bayat ukwesaba kuya ngokuncipha.
UBayat wayengukaputeni weqembu le-basketball labesifazane lase-Afghanistan labahamba ngezihlalo ezinamasondo kodwa ngemuva kokubaleka e-Taliban wathuthela e-Spain, kanti kusukela impilo ayizange ibe lula kakhulu.
“Akulula ukuzihlanganisa nomphakathi omusha ngoba konke kuhlukile. Bekuyinselela kimi ukwazi ukuthi kufanele ngiziphathe kanjani kubantu nokuthi ngihlala kanjani lapha, ” kusho lo mdlali oneminyaka engu-28 etshela abe-Reuters.
UBayat nomyeni wakhe bamukele isicelo sokudlalela i-Bidaideak BSR Bilbao, iqembu lebhola lomnqakiswano elinobulili obuhlukene e-Spain.
UBayat walimala umgogodla ngesikhathi eneminyaka emibili ubudala ngemuva kokuba irokhethi lishaye umndeni wakubo ekhaya e-Kabul.
Phakathi kwezithiyo uBayat abhekana nazo bekuwulimi lase-spain.
“Ukudla kuhle, abantu bakhona balungile, kodwa angikwazi ukwabelana nabo ngemizwa yami nemibono yami,” kusho lo msubathi.
UBayat ubefunda i-Spanish emzamweni wokuthuthukisa amathuba akhe okuzinza e-Europe.
UBayat uphinde abe ngummeli oqeqeshiwe ezweni lakubo futhi unezifiso zokusungula inhlangano esiza abesifazane abakhubazekile e-Afghanistan nase-Spain.
“Ngifuna ukuhlala lapha ngisebenzele abesifazane abalapha e-Spain. Ngiyazi ukuthi kumele baqale kanjani impilo besuka phansi njengami,” kusho lo msubathi.
UBayat nomyeni wakhe abakaze badlale kahle kusukela befika e-Spain ngenxa yesimo sabo sokuthuthela kwelinye izwe. UMengameli weqembu le-basketball uthe bobabili bazokwaziwa maduze nje njengabantu ababaleka ezweni ngenxa yepolitiki futhi bazovunyelwa ukudlala.
UBayat nokho usakhathazekile ngokuthi abantu bakubo balahlwa amazwe angaphandle.
“Wonke umuntu uyayikhohlwa i-Afghanistan. Akekho okhuluma ngezwe lami,” kusho uBayet.
Umthombo wesithombe: @Reuters