Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umlimi wesifazane wase-Vryheid KwaZulu-Natal uqophe umlando ngengqephu ayenze ngesikhumba sezinkomo zakhe ayithungele abalingisi bomdlalo uShaka Ilembe.
UNksz Nelly Xulu usengene wagamanxa kwezemfashini njengoba ekhiqiza impahla eyahlukene kanokusho okungaba izingubo zomshado ezenziwe ngesikhumba senkomo, impahla yokuhlobisa endlini, amahawu, amabheshu, izicholo nokunye.
Lo mlimi unepulazi lezinkomo elise-Vryheid okuyilo asebenzela kulo kanti usedale inqwaba yamathuba emisebenzi kusuka kwabelusa izinkomo nabashuka izikhumba baziphendule imisiko kanokusho.
“Nginepulazi lezinkomo elise-Vryheid okuyilo engisebenzela kulo. Sikhiqiza konke ongakucabanga. Ngikhuluma nje yithi ebesigqokisa abalingisi bomdlalo uShaka iLembe. Ngakho uma ufuna inkomo woza uzoyithola,” kusho uNksz Xulu.
Impahla yakhe iheha ngisho abathandi bemisiko bamazwe angaphandle.
Omacaphuna kusale sekuyikhaya labo ebhizinisini likaNksz Xulu njengoba bethenga kuye imisiko eyehlukene abahloba ngayo emicimbini eyahlukene okungaba eyesintu noma ekaHulumeni neyaseNdlunkulu kanye neyemfashini neyamabhizinisi.
Umsebenzi wakhe uchaze ngisho owayenguNgqongqoshe wezoLimo uNkk Thoko maMsane-Dididiza ogcine esemuthatha ukuba ayokhangisa imikhiqizo yakhe emibuthanweni yoMnyango esuke ihanjelwe abaholi bakwamanye amazwe.
UNksz Xulu usesizindeni samapulazi e-Vryheid asaphethwe abesilisa iningi labo okungabamhlophe.
Ingqephu yakhe isike yabonakala ijikisa amakhanda emcimbini wabesifazane abangabalimi muva nje kanti abaKwaZulu-Natal kwakubukwa bona njengoba batheleka begqokise okwezindlovukazi zasebukhosini.
Izingubo zakhe zomshado ziqala ku-R7500 kanti ezinye izimpahla uyaqashisa ngazo.